UKUGQOZA kwabangenela umunxa womaskandi emiklomelweni yezindondo amaSouth African Traditional Music Awards (SATMA) sekwenze abale miklomelo baphumela obala benxusa omaskandi ukuthi bangenele.
Owezokuxhumana kule miklomelo, uKeletso Dlamini, uthe ithanda ukubaphatha kabi eyokuhamba ngonyawo lonwabu eyokuqokwa komaskandi kulo nyaka. Uthe okubi isikhathi sokuvala sesisondele njengoba ukuqokwa kwamaciko kuzovalwa ngoJuni 28.
“Ngenxa yokuthi amaSatma aKwaZulu-Natal, besilindele ukuthi sizobona omaskandi bengenela kakhulu njengoba iningi labaculi bawo liqhamuka esifundazweni. Kumanje sivule ithuba lesibili kodwa sibona kusahamba kancane ukungena kwabantu abaqoka omaskandi. Sinxusa ukuthi bangenele kungaze kufike usuku lokuvala ngoba sekulukhuni ukuthi siphinde silulwe njengoba sesiluliwe. Omunye umunxa ohamba kancane owoMbhaqanga nowemisakazo yomphakathi,” kusho uKeletso.
Ukuqokwa kwamaciko kuqale ngoMashi nonyaka kwavalwa ngo-Ephreli 30, kwaphinde kwavulwa ngoMeyi 3 njengoba kuzovalwa ngoJuni 28.
UKeletso uthe abaculi abavumeleke ukungenela abakhiphe umculo ngaphambi kukaMashi nyakenye njengoba kumele kube wumculo osunonyaka ukhona. Njengoba ukuqokwa kuvulwe kwamaciko kuqale ngoMashi nonyaka bekungukuqala konyaka omusha kumaSatma.
Uma sekuvaliwe ukuqokwa kwamaciko, uKeletso uthe kuzobe sekuqala ukubalwa kwemingenelo kubonakale oqokwe kakhulu bese kuhlelwa umcimbi wokumemezela abaqokiwe.
Umunxa wamaphephandaba obubuyiswa kulo nyaka uthe baphinde bathatha isinqumo sokuthi ungabe usabuya kodwa uze ubuyiswe kahle ngonyaka ozayo.
“Inkinga kube wukuthi ngesikhathi ngesikhathi sekufakwa yonke iminxa kwi-Internet, yazikhiphela yona lo wamaphephandaba ukuthi ungangeni. Sibone kamuva sesihlola ukuthi awukwazanga ukungena kanye noweSong of the Year ebizobe imisha. Esikuqaphelile ukuthi i-internet izikhiphele yona le minxa ukuthi ingangeni ngenxa yokuthi besijwayele ukuletha engu-32 kanti ibisingu-34 ngenxa yale emibili. Ngenxa yokuthi abantu bese beqalile ukuqoka amaciko sibone kungezoba yinto enhle ukuthi kubekhona esikuphazamisayo kwesifakiwe ngoba asifuni kube nezikhalo uma umuntu engaqokwanga kakhulu. Ngonyaka ozayo sizoyifaka ngokukhethekile le minxa ekhishwe yi-Internet,” usho kanje.
Kumaskandi nyakenye kunqobe uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini okhale wemuka nendondo yeBest Maskandi Artist/Group.