SIBI isimo senkakha yomculi kamaskandi exinwe wukugula osekuze kwasukuma ozakwabo emculweni bahlanganisa umnikelo ukuze ikhokhele izindleko zodokotela.
UKhangelani “DSD” Mhlongo kuthiwa uxinekile kakhulu. Lezi zindaba zivezwe womunye wozakwabo uNjoko Mbambo iHobosha, othe sebeze bathatha isinqumo sokuthi bamhlanganisele umnikelo.
UNjoko uqale waveza indlela abanye abaculi bakamaskandi ababukeka bemkhonze ngayo uKhangelani ofike komunye umcimbi abezonandisa kuwona kubonakala ukuthi akamuhle empilweni. Uthe bonke abaculi bakhombise ukuzwelana naye njengoba bonke bebelokhu bembize njalo bembiza nangezibongo zakhe ezithi ‘Gqoko’.
“Ngemvume yomndeni wakwaMhlongo, basinikile imvume yokuthi simhlanganisele umnikelo ukuze athole usizo lodokotela. Ngibe sengibeka udaba kwabanye ozakwethu sahlanganisa ngoba simfisela ukululama uDSD njengoba sesifana nezingane zandawonye ngenxa yomculo. Ube usuthi umndeni asingakufihli lokhu ukuze abantu abasithandayo bazi ukuthi siyakhathalelana noma kuziphi izimo ezikhona. UGqoko silufisela impilo ende nomndeni walo, luqhubeke ukujabulisa isizwe ngomculo walo. Sesiqoqe imali engu R20 000. Siyabonga kakhulu kubona bonke abafowethu abalule isandla kwengikwaze ukuxhumana nabo, siyabonga kwande laph8 nithathe khona,” kusho uNjoko
Ethintwa uDSD uvumile ukuthi akaphilile wase ecela ukuthi abuye athintwe ngoba odokotela basematasa. Emva kwesikhathi uphinde wazanywa kodwa ucingo bese lukhala lungabanjwa.
Ngasekuqaleni kwalo nyaka uDSD uke wakuveza ukuthi uhlaselwe yisifo sezinso. Wathie ngeke akufihle lokho ngoba ukugula okumthwese kanzima wagcina engakwazanga ngisho nokukhipha i-albhamu yakamuva ayesememezele ukuthi uyayikhipha. Uphinde wamemezela usuku eseyikhipha le albhamu yakhe esihloko esithi: One More Year, kodwa akabange esasithola isikhathi sokuyimaketha kahle ngenxa yokungaphili.
Ngesikhathi eveza izindaba zokugula kwakhe wakhala ngezimbiza ethi njengoba engumuntu wasemakhaya uyakholelwa ekuchatheni. Wathi wayezitshela ukuthi ukugula okungatheni kanti kuza ngamandla waphuza ukuyozihlola ukuze athole ukuthi unenkinga yezinso.