UMCULI uZamajobe uthi kumsize emoyeni ukunyamalala iminyaka engu-10 emculweni njengoba kukhona abesakulungisa okuthinta yena.
UZamajobe ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe eqinisekisa ukuthi usebuyile emculweni futhi usanda kukhipha ingomaye-piano ethi Baba Wethu.
Uthe ingoma yakhe ingumthandazo. Uthe uyikhiphe ngalolu hlobo lomculo ngoba uyaluthanda u-piano futhi yize engeyena umdansi kodwa ubefuna ukubuya ngendlela ehlukile.
“Ngikhethe ukuma kancane emculweni ngoba ngifuna ukuzithola ukuthingi wubani. Okunye bekukhona izinto ebezingiphoqa ukuthi ngisuke emehlweni abantu ngizenze ngasese, ebezidinga sonke isikhathi sami.
“Ngakho ukwenza kanjalo kungisizile njengoba manje ngingeke ngisaphazanyiswa yilutho. Ngenxa yokuthi izinto zami sezisibuyela esimeni ngikhethe ukuthi ngibuye kancane kancane. Ngihlela ukuthi ngonyaka ozayongikhiphe i-albhamu ephelele esengiqalile ukuyisebenza njengoba sengibuyele e-studio,” kusho uZamajobe.
Uveze ukuthi yize ebenyamalele kodwa ubewubhala umculo awubeke.
“Ngonyaka ozayo ngizimisele ukuthi ngihambele amadolobha ehlukene kuleli, ngikhumbuza abalandeli bami ukuthi sisuka kuphi. “Ngizophinde ngigubhe ukubakhona kwengoma ethi Ndawo Yami esineminyaka engu-20 ngayiqopha. Le ngoma yenze kahle kakhulu njengoba yize bengisamile ukukhipha umculo kodwa emazweni ase-Europe bengisaqhubeka nokubizwa khona emicimbini ehlukene,” kusho yena.
Uthe yize azi ukuthi ukubuya emculweni ngeke kube lula kodwa uzosebenza kanzima ukuthi abantu baphinde bamamukele.