BABONGA ukuqathaka kukakhiye wemoto kamkhwenyana, okuvela ukuthi udwebe esuka eGoli ezodubula umkhwekazi eSigungwini oPhongolo, ngeSonto.
Esehlakelweni, kushone uNksz Dombi Myeni (45), okuthiwa umsolwa (48) umqhulule ngentululwane yezinhlamvu egumbini abelele kulo nendodakazi eneminyaka emihlanu nenengu-13.
Indodana kamufi, uMnuz Siyabonga Ngwenya, ithe bavuswe ukuqhuma kwesibhamu endlini enkulu nokukhala kukanina.
Uthe waphuma eyinhlamvu eyobheka ukuthi kwenzekani, wazithela kumsolwa, ebaleka.
“Mina nabafowethu ababili, sivele samjaha,” kusho uNgwenya.
Uthe baze bajoyinwa nawomakhelwane ababili.
Uveze ukuthi uthe esuka wajika, waqonda kubo, babaleka, besaba ukuthi nabo uzobenzakalisa.
“Ujike waze wayofika esangweni ekhaya, wabuye waphindela emumva,” kusho uNgwenya, othe sebeyabona ukuthi ubefuna ukhiye wemoto.
Uthe bathe sebebuyela ekhaya, bathola ukuthi unina uphangalele.
Udalule ukuthi bese kuphume ilanga ngesikhathi kukhona othola ukhiye wemoto ulahleke lapho obekubaleka khona umsolwa, bawubona unophawu lwemoto kamkhwenyana kadadewabo.
“Amaphoyisa ahambe eyoyicinga imoto, ayifica ijame naye phakathi ngasesibhedlela Itshelejuba,” kusho uNgwenya.
Uthe umsolwa bese ebulale iwindi layo, wazama ukuyidumisa, exhuma izintambo, yahamba ibangana yase ijama.
Uthe zivele zamkhalela, wavela eNkantolo yesiFunda oPhongolo ngoMsombuluko, icala lahlehlela uMsombuluko ozayo.
Udalule ukuthi unina ubengakufihli ukuthi akahambisani nobudlelwane bukamsolwa nendodakazi uNksz Xolile Zwane (26) yakhe nokwenza basole ukuthi umbulalele lokho.
Uthe phakathi kwezinto abenganeme ngazo ukuthi umsolwa mdala kakhulu kunendodakazi yakhe futhi unenye inkosikazi, okuvela ukuthi ihlala eLimpopo lapho edabuka khona.
Uveze ukuthi baqale ukwazi ngobudlelwane babo ngoDisemba 2022, udadewabo ebethula emndenini, bagcina sebusemthethweni, umkhwenyana elobola nyakenye.
“Besibona konke kuhamba kahle. Udadewethu ekhombisa ukweneliseka ngakho konke. Indaba iqale ukonakala ngaboJuni, usbari efika ekhaya, ethi ulahlekelwe udadewethu,” kusho uNgwenya.
Uthe nabo bambheka yonke indawo waze waqhamuka ngesikade, ethi kade ekwamngani, wabe eseveza ukuthi umkhwenyana uyamhlukumeza.
“Kwahlalwa phansi nabo, kwakhulunywa ngenhloso yokuthi balungise izinto. Umkhwenyana wathi ababuyele emumva eGoli, udadewethu ekubeka kucace ukuthi akafuni. Nokho bagcina behamba, umndeni umncenga uthi abahambe ngoba lo muntu ungumyeni wakhe. Kwabe siyagcina ukubona udadewethu. Asimtholi namanje ngisho nasezingcingweni,” kusho uNgwenya.
Uthe kwenzeka umshophi nje bayafa ukhwantalala, bacabanga ukuthi kwenzekani kudadewabo.
“Asazi noma wambulala. Kumanje senza amalungiselelo okufihla umama, sifisa engabe naye ukhona,” kusho uNgwenya. Uveze ukuthi umsolwa unamabhizinisi kodwa abazi awani kanti udadewabo ubengasebenzi ehlala emzini kamyeni wakhe eGoli.
Uthe akukho umsolwa angakwazi ngabo, okubandakanya ukuthi umnyango wasekhishini bebengawuvali uma belala, ngokwazi ukuthi abanazitha.
Ikhansela lendawo uNkk Zuzile Buthelezi, lithe isigameko siwuthusile umphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asoPhongolo aphenya icala lokubulala kulandela ukudutshulwa kowesifazane.
“Imibiko iveza ukuthi utholwe egumbini lakhe lokulala enenqwaba yamanxeba okudutshulwa,” kusho uNetshiunda.