UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni ngoMgqibelo kuKhozi FM, uZama “Zama Zama Magic” Mseleku, uselingisa emidlalweni engaconsi phansi kwithelevishini.
UZama (32), osakaza uhlelo oluthi Ziyawushaya noZama Mseleku kulo msakazo olele isibili emhlabeni wonke jikelele, ulingisa indawo yomfundi wezindaba kuMkhokha The Curse kuMzansi Magic bese ephinda edlala indawo yentatheli kuZalo.
UZama waKwaNyuswa, ePort Shepstone, uthe wacelwa ngabadidiyeli balo mdlalo ukuba alingise indawo yokuba ngumsakazi njengoba vele engumsakazi.
Le ntokazi eyahlabana okokuqala emncintiswaneni obekuhlonishwa ngawo ingqalabutho yalo msakazo, iNext Winnie Mahlangu Search Competition, ithe ukulingisa umsebenzi eyawuyela esikoleni.
“Ukulingisa yinto engiyithandayo nengayifundela ngaphambi kokuba ngingene emsakazweni . Ngenza izifundo zePerfoming Arts e-Icesa College.”
Uthe yize seliqalile ukufezeka iphupho lakhe lokulingisa kodwa usazama ukuzicabela indlela ukuze angene ngokugcwele.
“Ngike ngabonakala kuZalo emasontweni ambalwa adlule, ngisazama kona njalo ukuziphendlela indlela ngethemba lokuthi kuzolunga ngithole indawo kweminye imidlalo ehlabahlosile yethelevishini.”
UZama uthe uyazethemba ukuthi uzogcina esengumlingisi ohlonishwayo ngenxa yokuthi unothando nekhono.
“Ikhono likhona, uma nje ngingathola ithuba ngingalisebenzisa."
Echaza ngokuphumelela emqhudelwaneni woKhozi, uZama wathi waqokwa engakulindele ngenxa yokuthi wayengena-demo, okwamphoqa ukuba asebenzise ifoni ngemizuzu yokugcina.
“Ngangingabhekile ngoba ngangazi ukuthi kungenele izinkulungwane zabantu abafuna leli thuba.
Nendlela nje engangenela ngayo kwase kuyimizuzu yokugcina. Ngingena-demo futhi ngingazilungiselele. Ngaziqopha ngefoni.”
UZama, owaphothula uGrade 12 eZuzicebo High, usebuya kwiRadio Sunny South nakuGu Youth Radio futhi alukho uhlelo olumhlulayo.