OWAYEYIPHOYISA oboshelwe ukushaya abulale unina, uthe umufi washayeka ngephutha kudedeleka ipulangwe elinezipikili ababekade bebangisana ngalo.
Lokhu kuqukethwe esitatimendeni sikammangalelwa, owayengu-constable, uMnuz Lungisani Xaba, esifundwe ummeli wakhe eNkantolo yesiFunda yasePinetown, izolo.
UXaba uboshelwe icala lokubulala unina, uNkk Grega Xaba (81) ngoMeyi 6, 2022, kubo KwaDabeka, eClermont.
Esitatimendeni, uXaba uthe unina wagalela kuyena ngepulangwe, kwathi ngesikhathi bebangisana ngalo kwase kushayeka umufi ngephutha.
“UXaba uthi into eyasusa umsindo wezwa kunuka ugwayi endlini, wangibuza umufi ukuthi wubani obhemayo ngoba wabe azi ukuthi angibhemi,” kuchaza ummeli.
UXaba usole unina osekobandayo, wathi nguye owaqala wadonsa ijakhethi ayeyiphethe, walandela ngokuthi ashaye ngepulangwe leli alibamba.
Kulokho kujijimezana, uXaba uthe ingalo kanina yagaxela esihlalweni esinamasondo ayekade ehamba ngaso, yabambeka.
UXaba uphakamise isandla, wathi womiwe, wacela imantshi ukuba imtholele umuntu ozomzamela amanzi okuphuza.
Osebenza enkantolo uwadonse eduzane kujeke, wayomthelela engilazini, wawaphuza wawashiya uhhafu, ingilazi wayibeka phansi eceleni kwalapho abehlezi khona ebhokisini labasolwa.
Bese zigcwele amehlo izinyembezi kudadewabo kamufi ezwa ubufakazi obushaqisayo bokuthi unina wayekade opha, ephuke ingalo futhi esevuvukele enezingozi.
Ummangalelwa uthe ugesi wawucima kukhanya ngalobo busuku futhi akasakhumbuli ukuthi kwenzakalani endlini, kodwa ekugcineni wabona unina eselele phansi, wathi uyaphuma ngomnyango uyomfunela usizo, wazithela kozakwabo sebevimbe emnyangweni.
UXaba ukuphikile ukuthi wayenesibhamu ngesikhathi kwenzeka isigameko. Uthe salahleka mhlazane ebanjwa inkunzi.
Lo msolwa waboshwa ngozakwabo esiteshini samaphoyisa saKwaDabeka ayesebenzela kusona.
Ufakazi woMbuso, uNksz Nonjabulo Ntombela, uthe amanga aluhlaza lawa, umufi wayengenawo amandla, engakwazi nokusukuma azithathele into, ecela yena amlethele amanzi okuphuza.
Ukuchithe njengamampume okushiwo uXaba, ethi yinto engenzekanga asezikhandela yona manje.
Ngeledlule, lo fakazi wathi uXaba waqala ngokushaya unina ekhanda ngejakhethi, emkhaca ngenhlamba ethi umise impilo yakhe ngoba enqabe ukuthi asebenzise iselula yakhe.
Ufakazi uthe yena nengane encane babalekela kamakhelwane eyofuna usizo, uXaba eseqalile eshaya unina.
“Wasala wavala umnyango, kwacima ugesi, washaya ugogo (umufi) ngamapulangwe ebumnyameni ngoba wayengafune kubonwa muntu,” kusho ufakazi.
Icala lihlehliselwe uNovemba 6, nonyaka, ukuze kubizwe omunye ufakazi.