AKUKHO okumele ukwenze ekhaya uma ulunywe inyoka ngaphandle kokuphuthuma esibhedlela noma ufonele umuntu owungoti wezinyoka akuyalele isibhedlela esikwaziyo ukwelapha uphoyizeni.
Ongoti bezinyoka bathi okumele ukwenze uma ulunywe inyoka ukuphuthuma esikhungweni sezempilo futhi ube nolwazi lokuthi inyoka ekulumile iyinhloboni noma uyichaze ukuthi injani, ukuze esibhedlela bazi ukuthi kumele bakunike muphi umuthi.
Njengoba sekuqale isikhathi sokuthi izinyoka zibonakale ngemuva kokuthi kade zicashile izinyanga ezine, ongoti bezinyoka bathi kunezinkolelo ezithi kumele ubophe ngenhla kwenxeba, uphuze amanzi noma ugcabe bese umunca uphoyizeni. Bathi konke lokho kuyizinkolelo azilona iqiniso kunalokho izona ezingaholela ekutheni olunywe inyoka afe noma alahlekelwe yilunga lomzimba ebelingeke limlahlekele.
UMnuz Fortune Sibiya wenhlangano ebamba izinyoka izisuse emphakathini, iCobra Reptile Conservation Centre, uthe: "Izinyoka zinobuthi obuhlukene kabili obenza ukuthi kuphume igazi kuzo zonke izindawo eziyinezimbobo emzimbeni, obuholela ekutheni isikhumba silimale kube sengathi ushiswe ngamanzi. Izinyoka ezivamile ezifana nebululu zinobuthi obudla isikhumba. Uma ubopha ngenhla kwenxeba usuke uzidalela ukuthi kubole yonke ingxenye engezansi kwenxeba okuholela ekutheni unqunywe lelo lunga lomzimba. Ukugijima noma ukuphuza amanzi kuholela ekutheni inhliziyo ishaye ngamandla okuholela ekutheni igazi ligijime kakhulu lihambise ubuthi enhliziyweni," kusho yena.
Uqhube wathi yize ishoda imithi yokubulala ubuthi egazini kuleli, ekhona isengawenza umehluko.
"Inkinga esibhekene nayo ukuthi kwezinye izibhedlela abasebenzi bakhona abazi lutho ngezinyoka. Isimo sesiguli sishintsha singaphakathi esibhedlela abasebenzi belokhu bebamba beyeka bengazi ukuthi kumele basenzenjani isiguli," kusho uSibiya.
Uqhube wathi esikhathini sanamhlanje ukusebenzisa izibiba nakho akusaphephile ngoba abanye abelaphi abazazi izinyoka.
“Kuqala abelaphi babezazi izinyoka kwakungenzeki ukuthi akunike isibiba esingahambisani nenyoka ekulumile. Ngisanda kufica umuntu elunywe inyoka ekumelaphi nayo inyoka emlumile eyibulele. Umelaphi wayethi imamba esencane, kungeyona,” kusho yena.
Uthe izinyoka ezivame ukuluma abantu ngalesi sikhathi imfezi, ibululu nemamba eluhlaza.
“Imamba emnyama ayivamile ukuthi noma ikuluma ikhiphe ubuthi ngoba iyazi ukuthi umuntu akakona ukudla kwayo. Ushevu iyawonga. Isuke imethusa nje ngoba izivikela.
Uthe kunezinyoka ezijwayelekile ezifana nomzingandlu nenyoka yasekhaya ezivame ukutholakala emakhaya ezidla izibankwa.
“Lezo zinyoka azinabo ubuthi uma zikulumile kufana nokuthi ulunywe umiyane. Abanye abantu badidwa imibala yazo ngoba inyoka yasekhaya iluhlaza ungaze ucabange ukuthi imamba uma ungenalo ulwazi kahle,” kusho yena.