BANGASE babophele ikhono elisha laKwaZulu-Natal, kwabazolingisa ngesizini yesithathu yomdlalo wamahlaya wakwaSABC1, uBettina Wethu.
Lokhu kungenxa yokuthi abanikazi bomdlalo bebe nenhlolokhono yabalingisi ezindaweni ezahlukene esifundazweni.
Okhulumela abadidiyeli bomdlalo u-Eugene Mametse, uthe kuqala ngoDisemba nonyaka, ukuqoshwa kwesizini yesithathu yomdlalo obophele izintandokazi zabalingisi.
“Njengamanje anginalwazi lokuthi zizoma kanjani izinguquko emdlalweni. Ababhali bamatasa babhala isizini yesithathu ezoqala ukuthwetshulwa ngoDisemba. Kuningi esikholwa ukuthi kuzojabulisa ababukeli ngesizini entsha,” kusho u-Eugene.
Phakathi kwabalingisi ababoshelwe kuBethina Wethu njengoba kusakhonjiswa isizini yesibili, kukhona uKamogelo Molatlhoe odlala phambili indawo kaBettina kanti uke walingisa kwiThe Wife. Abanye nguLunga Tshabalala ogqame ngeThe River ekulingiseni, Itumeleng Bokaba weRhythm City, Hungani Ndlovu owayelingisa kwiScandal!, Nimrod Nkosi ongumlingisi nomethuli wezinhlelo ezehlukene zethelevishini, Abby Molz, Brigton Ngoma nabanye.
Izinguquko zomdlalo zibe nkulu ngesizini yesibili okuyinto engenzeka nakweyesithathu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini yesibili kushintshwe umlingisi ophambili uFarieda Matsileng, indawo yakhe yathwathwa uKamogelo Molatlhoe. Abanye abalingisi abebekhona ngesizini yokuqala abangasekho, nguZweli Dube, Lesego Tlhabi nabanye.
Inhlolokhono yabalingisi ibe sezindaweni ezimbili KwaZulu-Natal okuyiseGugu Dlamini Park, naseMpumalanga Junction, eHammarsdale.