ZIMHAMBELA kahle izinto umlingisi igama lakhe ebelikwahamba phambili emdlalweni iThe Wife, uMondli Makhoba njengoba namhlanje ezoqala ukubonakala emdlalweni uNikiwe.
Kulo mdlalo okhonjiswa kwi-etv, ngo6.30 ntambama phakathi nezinsuku, uMondli uzobe elingisa indawo kaBheki Radebe. UMondli owahamba isigubhukane emdlalweniiThe Wife, uthe kuningi abekupheka kusukela ngaleso sikhathi.
UBheki umfowabo omncane kaThemba Radebe (Muzi Mthabela), nobuya ekhaya ngemuva kweminyaka ahamba ezolungisa izinto zikamfowabo ezingahambi kahle.
Ekhuluma neSolezwe uMondli, uthe ubonga ukulalela abakubo abangasekho abamvulele izinhlanhla eziningi kulo nyaka.
“Ngijabule kakhulu nami ngendlela izinto eziyiyona kulo nyaka. Ukuba yingxenye yomdlalo iNikiwe nakho kungezinye izinto ezinkulu empilweni yami. UBheki akazalwa umama oyedwa noThemba. Wahamba ekhaya kudala wayohlala eMozambique lapho akade esebenza khona eshayela amaloli. Ngokubuya kwakhe ufuna ukuzolungisa izinto emndenini wakhe njengoba bekhule bengawufuni lo omunye umndeni kayise bekholwa ukuthi yiwona owabahlukanisa noyise,” kuchaza uMondli.
Uthe kulo mdlalo okunye okuzobonakala ezothando, njengoba uBheki ezofuna owesifazane amthandayo, nokuzoba yinto engenzima.
“Ngiyathemba ukuthi abantu bazofunda lukhulu kulo mdlalo, ukuthi umndeni uyikho konke. Ngiyanxusa ukuthi bawubuke bathole isifundo kuwona,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi nasemdlalweni iShaka-Ilembe lapho alingisa khona indawo kaNgomane, kuningi abantu abasazokubona njengoba ubudlelwane bakhe noGodongwane buzothatha elinye igxathu.
“Kulo mdlalo abantu bazobona ukuthi uGodongwane uthembeke kanjani kunoma ubani onikwa ubukhosi esizweni saKwaMthethwa. Ubudlelwane babo noGodongwane buzokhula buze budlulele enkosini uShaka. Indawo yami le nayo ezokhula kakhulu ngenxa yokuthi ababukeli bayangizonda manje ngengakwenza kuGodongwane kodwa nakanjani basazongithanda,” kuchaza yena.
Lo mlingisi uthe amanye amathuba avuleke empilweni yakhe awokuba inxusa lenkampani yemikhiqizo yokugcoba iTabac nelenkampani yezimoto iCherry.