BAMISIWE emsebenzini abasakazi beGagasi FM abasakaza ndawonye nosekuphele amasonto amabili bengazwakali emoyeni.
Laba basakazi okunguHope Mbhele no-Asante Chiliza bangena ngo-6 kuya ku-9 ekuseni ngoMgqibelo nohlelo iBreakfast Gang Gang.
Baphinde benze uhlelo iSunday Chill Zone ngo-2 kuya ku-6 ntambama ngeSonto.
Kulamasonto amabili ezinhlelweni zabo bekulokhu kushintshana abasakazi abababambele. Kuke kwabamba uFelix Hlophe, Minnie Ntuli, Luyanda noDJ Happy Gal.
Yize kungacaci ngokumiswa kwabo kodwa abangaphakathi esiteshini bakuqinisekisile ukuthi bamisiwe.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu ukuqinisekisile ukuthi bakhishiwe emoyeni, kodwa wangasiveza isizathu sokumiswa kwabo.
“Kunezinto esisaziphothula mayelana nezinhlelo zabo. Uyazi ukuthi uhlelo luba nendlela oluhamba ngayo nezigaba eziba khona kulo ngakho kukhona esisakuphothula,” kusho uKhulekani.
Uthe njengoba besematasa ngalokho lezi zintokazi ngeke zizwakale emoyeni.
“Bazobuya emoyeni maduze kodwa okwamanje kuzoqhubeka kube khona ababambayo ezinhlelweni zabo,” kuchaza uKhulekani.
U-Asante noHope baqale ukusakaza ndawonye ngemuva kokuthi isiteshi senze izinguquko ngo-Ephreli. UHope, ophinde abe ngumlingisi wendawo ephambili kuMkhokha kuMzansi Magic, ukhuze ibuya kulesi siteshi asishiya wajoyina iMetro FM.