UMHOLI we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe sebelindele ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa athathe isinqumo sokugcina ngemali yokuxhasa umcimbi amaSouth African Music Award (Sama), alo nyaka.
Lokhu kulandela ukuthi uMncwango ekhale ngesamba esinguR28 million okuvela ukuthi sizokhishwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal oholwa uMnuz Siboniso Duma.
UMncwango uphinde wakhononda ngokuthi enye imali evelayo uR25 million okuthiwa uzofakwa wuMasipala weTheku kulo mcimbi ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoNovemba 17 no-18. Isiyonke imali kuthiwa inguR53 million.
UMncwango ucebe umnyango nomasipala kuRamaphosa efuna angenele ekutheni zingakhishwa lezi zigidi ukuxhasa umcimbi.
“Sifuna bahoxise lolu xhaso olungaka. Umengameli uyena esifuna athathe isinqumo manje ngalolu daba. Sibhala le ncwadi ngoba sidinga ukungenela kwakho. Njenge-ActionSA sikhathazekile ngemali engaka ezochithwa. Sithinta wena ngesimo esiphuthumayo sokuthi ungenele kulolu daba. Kanjalo nomasipala oholwa uMnuz Mxolisi Kaunda ufake isandla kulo mcimbi wakhipha imali ngaphandle kokuthi kube khona ukuvumelana emkhandlwini,” kusho uMncwango, encwadini ayibhalele uRamaphosa.
Uthe abantu baKwaZulu-Natal badinga ukulungiselwa ingqalasizinda eyakhahlamezeka ngezikhukhula nangesikhathi sezibhelu ngo-2021.
Ihhovisi likamengameli liyiphendulile le ncwadi laqinisekisa ukuthi liyitholile incwadi.
Ngaphambilini umnyango kaDuma, waveza ukuthi ukuza kwama-Sama kulesi sifundazwe kuzongenisa uR350 million esifundazweni futhi kuzodala amathuba omsebenzi. Waveza nokuthi amaciko kufanele akhokhelwe imali ehambisana nomsebenzi wawo.
Kwenzeka lokhu nje, izolo abahleli bomcimbi bamemezele abazohlonishwa ngamagalelo abo ngendondo iLifetime Achievers.
Abazohlonishwa ngoMandoza noGloria Bosman abangasekho, uPops Mohamed neHhashi Elimhlophe.
Umphathi wenhlangano ehlela umcimbi iRecording Industry of South Africa, uNhlanhla Sibisi, uthe bazizwa bethobekile ngokuhlonipha la maciko ngalolu hlobo lwendondo kulo mcimbi ka-29 kulo nyaka.
“Lezi zindondo ngezokugubha ubuqhawe nokwenza kahle kwala maciko, futhi indondo iwukubonga umsebenzi abawenzile emculweni. Siyajabula kakhulu futhi siyaziqhenya ngokuhambisa lezi zindondo ebantwini esaziyo ukuthi zibafanele njengoba basakhela igama hhayi kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe," kusho uSibisi.