KULINDELEKE ukuthi igqamise ukuba abaholi kwabesifazane emphakathini indawo ezobe ilingiswa u-Enhle Mbali Mlotshwa, ozobe ewuLindiwe emdlalweni i-Pound 4 Pound.
Lo mdlalo obophele abesifazane abagxile ekudlaleni isibhakela, uzoqala ukukhonjiswa kuBET(129), ngoSepthemba 29, ngo-6.30 ntambama.
Kubona kukhona uGabisile Tshabalala, Kealeboga Masango, Kwanele Mthethwa, Nicole Bessick noSne Mbatha.
Ekhuluma ngendawo yakhe, uMbali uthe indawo ayilingisayo ibe ngenkulu kuye selokhu angena emkhakheni wokulingisa njengoba imenza owesifazane onamandla.
“Ukuthola le ndawo yinto engingeke ngiyikhohlwe. Kuyona ngiwumphathi onamandla. Umdlalo engingathi uzodiliza udonga bese uveza ukuthi abantu besifazane babhekana naziphi izingqinamba emphakathini abaphila kuyo. Uzophinde uveze ukuthi uma kukhona ithuba lokuba abaholi abalitholayo, bancikiselwa kanjani yize kucaca ukuthi lowo msebenzi wokuhola bangawenza ngaphandle kwezingqinamba,” kusho uMbali.
Uthe uyathemba ukuthi ababukeli bazothintwa yilo mdlalo bese kuqhamuka izinkulumompikiswano ngezingqinamba ezizogqama kuwo.
“Noma ubani osebhizinisini uyazi ukuthi akukho lula ukubhekana nobunzima, kodwa uqhubeke wenze noma yini esemandleni ukuthi uphumelele. Ngiyabonga kubona bonke abesifazane esinabo kulo mdlalo njengoba senze umsebenzi omkhulu ukuveza izinto ezenzeka ngempela emphakathini. Amandla nokubekezela kowesifazane kuzogqama kulo mdlalo,” kusho yena.
Abanye abalingisi abazobonakala kuwo kukhona uMduduzi Mabaso noZolisa Xaluva.
Khonamanjalo: AbakaBET baveze ukuthi ukhuza ibuya umdlalo i-Queedom obusamile ukukhonjiswa ngenxa yezinkinga zokuteleka kwabalingisi bengaholile.
Bathe lo mdlalo uzoqala ukubonakala ngoSepthemba 23.