KULINDELEKE ukuthi kufundiswe ngisho nangokuzinakekela emcimbini iMandeni Dokodweni Beach Festival, ezoba ngaseMacambini, ngoDisemba 27 no-28 kulo nyaka.
Umhleli walo mcimbi uM’Afrika Mpanza, uveze ukuthi ngawo bahlose ukuthi kuhlomuke amaciko endawo, intsha nosomabhizinisi.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi lo mcimbi uvuleleke kuwona wonke umuntu, abangakubeka kucace ukuthi imindeni yamukelekile.
“Sifuna ukukhombisa abantu ukuthi sinezindawo ezinhle kanjani eMandeni nakuzona zonke izindawo ezakhelene nayo. Sibheke ukuthi izivakashi ezizoba khona ngaphansi kukaMasipala Ilembe.
“Kulo mcimbi sihlele ukuthi sibe nemidlalo ehlukene kanjalo sikhombise ngobuhle bendawo ngosuku lokuqala okunguDisemba 27, nokuvulelele nomkhakha wamabhizinisi kubantu bendawo njengoba kuzoba khona abazokhombisa ngezinto abazenzela bona ukuze nabo baxoshe ikati eziko,” kusho yena.
Uveze ukuthi ngoDisemba 28, balindele ukuthi kube nedili lomculo la kuyonandisa khona abaculi abadumile okukhona kubo uDlala Thukzin, Khuzani, Big Nuz, Gatsheni, Goldmax, Prince Bulo, DJ Cyndo nabanye abaculi bendawo.
Uthe uhlelo luzobe luphethwe uNgizwe Mchunu, Selby Mkhize, Bingelela Mpanza, Swazy ongumlingisi nabanye.
Amathikithi uthe aqala kuR150, R250 neVIP ebiza uR450.
Uthe amathikithi ikakhulu eVIP ayaphela futhi lokhu kuyabajabulisa.