KULINDELEKE ukuthi kutheleke ngisho abantu abaqhamuka ezifundazweni ezingaphandle kweKwaZulu-Natal emcimbini uMlazi Jazz Festival ezoba ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium eMlaza.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kunandise izihlabani ezahlukene zomculo weJazz.
UNje Buthelezi ohlela lo mcimbi ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi kulo nyaka bahlele ukuthi baphumele ngaphandle kwesifundazwe ukunxenxa abantu ukuthi bahambele lo mcimbi ukuze bathuthukise umnotho waseMlaza.
"Nakulonyaka kuyasithokozisa ukubuyisa lo mcimbi esihlala siwenza minyaka yonke. Kulo nyaka sobe siwubamba okwesithupha nesithembisa ukuthi uzoba yimpumelelo nawo njengaminyaka yonke.
“Sikhethe ukuthi sihambele nakwezinye izifundazwe sibameme ukuthi beze kulo mcimbi ukuze baqhubeke nokuzobona ubuhle beTheku baphinde futhi bajabulele nelokishi elizowusingatha.
“Sinxusa abantu baseMlaza ukuthi bafike nabo futhi basiphathele kahle nezivakashi zethu Siyabonga kakhulu kubaxhasi okujgiba kubo uMnyango wezeMidlalo amaSiko nobuCiko esiFudazweni. Amathkithi aseyatholakala eTicketPro aqala kuR100 kuya ku-R2600 awe-VIP,” kusho uNje.
Uveze ukuthi nakulonyaka babophele abaculi abanohlonze okubalwa kubo uSelaelo Selota, Sipho “Hotstix” Mabuse, Siphokazi, Bongani Nkwanyana, Mondli Ngcobo, Naima Kay, Khuzani nabanye.
Okunye kulo nyaka uthe bazobe bebophele noDJ okukhona kubo uDJ Muntu (Master Blaster), Msizi Shembe, DJ Makhe noDJ Riky. Abaphathi bohlelo ngoPenny Ntuli, Mandla Mdletshe, Collen Zondo noMzokoloko.
Uthe amasango ayovulwa ngo-10 ekuseni kanti umcimbi uyoqala ngo-2 ntambama.