KULINDELEKE ukuthi uze KwaZulu-Natal, umkhuleko wokuthandazela impilo yomsakazi woKhozi FM, obuye abe ngusomabhizinisi uZanele Mbokazi. Kubikwa ukuthi uhlaselwe wumdlavuza wamaphaphu.
Bekunomthandazo wokunxusela impilo kaZanele, eSandton Assemblies of God ngempelasonto lapho kugcwale abefundisi bamabandla ahlukene, abaculi, izikhulu zikahulumeni, namaciko ahlukene endimeni yokholo.
UPastor Sthembiso Mtshali, osesigungwini esiphezulu esihlela umcimbi wezindondo amaCrown Gospel Music, uthe babonga abahleli bomthandazo nokuzinikela kwawo wonke umuntu oqhamuka emkhakheni wokholo obekhona.
“UZanele ube nokuzinikela kakhulu endimeni yomculo wokholo, emabandleni ngisho emphakathini kuningi akwenzile. Ngakho sikhuthaza ukuthi baphume ngobuningi babo bazosixhasa kule mikhuleko esilokhu siba nayo. Siyakholelwa kakhulu ekutheni uma sikhuleka sonke, sonqoba. Kulabo abafuna ukuhlanganyela nathi emkhulekweni ngoba sisaqhubeka nayo bangayibheka ekhasini iCrown Gospel Music Awards kwiFacebook," kuphetha uPastor Mtshali.
EThekwini kulindeleke ukuthi kwenzeke okufanayo ngoba kuzobanjwa umkhuleko ohlelwa ngamaciko ozoba ngoJuni 23, ngo-2 ntambama ebandleni iGNF, eDurban station.
UZanele uqale ukudalula ukuthi uyagula ngenyanga edlule ngoba wahluleka ukusakaza ohlelweni lwakhe lwangeSonto ekuseni oluthi Eshilo.
Ohlelweni waveza ukuthi iphimbo lakhe aliphumi kahle futhi wakhala ngokushawa yizibhobo, okwagcina ngokuthi angeniswe esibhedlela.