LISHONE elayizolo ingena ilekanyana imiyalezo yenduduzo ngemuva kwemibiko yokudlula emhlabeni ngokuzuma komculi we-jazz, uGloria Bosman (50).
Kubikwa ukuthi uGloria ushone izolo ngemuva kokugula isikhashana. Imizamo yokuthola indodakazi yakhe uBoikarabelo, okunguye okhulumela umndeni ayiphumelelanga.
Lo mculi ozalelwe eSoweto, ubesanda kukhipha i-albhamu entsha ethi Gloria Bosman Live, ngoFebhuwari 28.
Omunye wabaculi be-jazz uSipho Hotstix Mabuse, udalule ngokushona kukaGloria enkundleni yokuxhumana iTwitter. UHotstix uthe udumele futhi umangele ngemuva kokuzwa izindaba ezibuhlungu zokushona kwakhe.
“Siyabonga ngokuhlanganyela nathi esiteji, usivezele ithalente lakho. Ngimangele kakhulu ngokuvelile” kusho uHotstix.
U-@CraigGradidge uthe: “Hhayi lalauphumule uGloria Bosman, iphimbo lakho! Zaze zazimbi lezi zindaba”.
UBonga Salsa Mthethwa uthe: “Bengizidlalela nje izingoma ezimbalwa zikaMam’ uGloria Bosman manje sengifunda izindaba zokuthi usedlulile emhlabeni. Lala uphumule”. Kuvela izindaba nje, ngeSonto abantu bakuleli bavuke nemibiko yokushona komculo uCosta Titch, oquleke esiteji ecula emicimbi eGoli. Kwenzeka lokhu nje, abalandelibe-hip hop basazikhotha amanxeba ngemva kokushona kuka-AKA, owadutshulwa ngenyanga edlule eThekwini.
UGloria wahlonishwa ngezindondo ezahlukene, okubalwa namaSouth African Music Awards kabili.
Wabanethuba lokushiyelana inkundla nezinkakha zomculo ezifana noHugh Masekela, Sipho Hotstix Mabuse noSibongile Khumalo.
Waqala ukucula nekhwaya yasesontweni, kwathi ngo-1993, wathola umfundaze wokuyofundela i-opera ePretoria Technikon. Akabange esabheka emuva njengoba iminingi imisebenzi ayenzile kwezeshashalazi nakwithelevishini emidlalweni efana noMuvhango neSoul City.