UHLANGANISE abaculi abaningi bamaskandi kwagqama ubumbano, umcimbi wokwethulwa kwendumezulu yekhonsathi iGcwalisa Spring Picnic, ehlelwa yisilomo sikamaskandi uKhuzani Mpungose.
Lo mcimbi ozoba ngoNovemba 5, eKings Park, eThekwini, wethulwe kwabezindaba ngoLwesithathu, emcimbini obuseNto's Boutique Hotel, eLa Lucia.
Kubonakale ubumbano olukhulu kubaculi bakamaskandi njengoba betheleke ngobuningi ukuzoxhasa lolu suku futhi bathembisa ukuthi bazimisele ukujabulisa abalandeli babo emcimbini.
“Asiyithandi le yokubonakala njengabantu abaxabanayo, kodwa uma sihlangane kanjena nje nabafowethu sizokuqeda lokhu abantu abakucabanga ngathi futhi sesikuqedile. Isiphelile le nto yokuthi siyakwebhana, imicimbi ekanjena siyenza ngenjongo yokuthi sikhombisa ukuhlangana, nathi singathathwa njengezixhwanguxhwangu,” kusho uKhuzani.
UKhuzani Mpungose, uthi yize konke kuhamba kahle ngamalungiselelo omcimbi wakhe, iGcwalisa Spring Picnic, kodwa iphakethe selize labhobokaka ngenxa yezindleko kangangokuthi usadinga imali elinganiselwa kuR3 million ukuze aqedele izindleko zomcimbi.
Ekhuluma kulo mcimbi, uKhuzani uthe imali elinganiselwa kuR3 million kuya phezulu ingadlala indima enkulu futhi ibasize ekutheni ukuhlela lo mcimbi kugoqwe. Yize kunjalo, uthembise ukuthi umcimbi uyaqhubeka futhi amalungiselelo amaningi asenziwe njengona umcimbi bewethulwa ngokusemthethweni ngoLwesithathu.
“Amaphakethe asebhobokile bakithi, siyanxusa kuhulumeni nasezinkampanini ezinkulu ukuthi bafake isandla. Okuningi sekuhlangene kodwa sisaludinga usizo lokuthi sifake lapha nalaphaya. Siyaludinga uxhaso uma sihlela imicimbi efana nalena lokho ke ngeke size sikufihle. Kodwa siyabonga ukuthi sila sikhona, ngiyabonga nakubaculi abafowethu laba abafikile nabazobe beyingxenye yomcimbi," kusho uKhuzani.
UMthokozisi Zuma osethimbeni elihlela lo mcimbi uveze ukuthi umcimbi ngeke uze ube nabanye abaculi abangaveli esikhangisweni esikhona manje.
Uthe abaculi ababaqashile yibona abazonandisa kulo mcimbi kuphela, wathi bahlele ukuthi uqale ngesikhathi ukuze uhambe ngendlela, kungabibikho muntu okhala ngesikhathi.
Amaciko akade ekhona okubalwa kuwona uDlubheke, Ntencane, Mroza Fakude, Cevuzile, Njoko, Mzukulu, Mdumazi, Navigator, Jumbo, DSD, Imfezemnyama, Jaiva Zimnike nabanye, babonge uKhuzani ngokuhlela lo mcimbi.
Amanye maciko akade ekhona abasakazi boKhozi FM, uZimdollar noBheka Mchunu akade bephethe uhlelo noNomfundo Moh.
Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eComputicket, Ticketpro naseShoprite kusuka kuR150.
Isolezwe lingabanye babaxhasi balo mcimbi.