UVUMA eyempi ebamele ngenhla yezinswelaboya ezihlela ukubulawa kwabantu zingaphakathi emajele, uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMkhwanazi ugonyuluke ngalokhu eMayville, eThekwini, ngesikhathi ehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, kwethulwa izimoto ezingu-36 ezizosetshenziswa amaphoyisa ukulwa nobugebengu.
UMkhwanazi uthe isiqala ukubakhathaza manje indaba yeziboshwa ezikwazi ukuhlela konke kodwa zingaphakathi emajele.
"Lena yimpi esibhekene nayo nje ngqo okumele silwe nayo size siyinqobe. Ukukhuluma iqiniso nje sekuyakhathaza ukuzwa ngezigameko okutholakala ukuthi zisuke zihlelwe ngabantu bengaphakathi emajele,'' usho kanjena.
Uthe kwesinye isikhathi abasemajele bahlela ukubulawa kwabantu abasuke bengofakazi emacaleni abucayi ngethemba lokucisha ubufakazi bamacala abo.
''Kumele kube khona esikwenzayo ukuze siyinqobe le mpi esizithola sibhekene nayo manje,'' usho kanje.
Uphonsele amaphoyisa inselelo yokuba aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla yize kunezimo ezifuze lezi ezibonakala zibathwalisa kanzima.
UMkhwanazi ukhuluma kanjena nje, ziningi izigameko zokubulawa kwabantu lapho obekuvela ukuthi umyalelo ubusuke uvela kumuntu osezikhindini.
UFaith Nongcebo Ntombela, osanda kugwetshwa ngecala lokusoconga umyeni wakhe uCaptain Zwelakhe Ntombela owayesebenzela uMkhandlu weTheku, kwagcina kuvelile ukuthi umyalelo wayewunikezwe yinkabi engaphakathi, uKhulani Cele.
Odabeni lowesilisa owayehamba ngesihlalo esinamasondo owadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu eMlaza ekuqaleni konyaka kwavela nakhona ukuthi ababulali babeyalelwe ngumuntu osejele ukuba “basuse” umufi.
UMkhwanazi ubuye wezwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngokwanda kwezigameko zamaphoyisa abulawa yizigebengu.
Uthe kuleli sonto nje lilodwa abe mathathu amaphoyisa adutshulwe afa yizinswelaboya. Amabili awo abulawe esigamekweni esenzeke eCliffdale, ngaseHammarsdale.
"Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi kubulawe abantu ababeqashelwe ukuthi bazovikela umphakathi. Ayikho into esingafuni ukuzwa ngayo njengeyezigameko zokubulawa kwamaphoyisa,'' usho kanjena.
Ngesonto eledlule kubanjwe izinto ezingavumelekile ukuba semajele eWestville. Kutholwe amaselula namashaja, izidakamizwa nezikhali. Osibhincamakhasana bathi ngisho ubugebengu obujulile njengokubanjwa kwezimoto zemali inkunzi buhlelwa emajele ngoba iziboshwa zinesikhathi sonke sokuhlela nokucabanga ubugebengu ubusuku nemini.