UMLINGISI waseBergville, uNompumelelo Vilakazi, uthi kwamfundisa futhi kwamgqugquzela ukuthi afune umsebenzi wobuthishela awufundelile, ukuphela komdlalo i-Diep City.
UNompumelelo uthe akazisoli ngokwenza iziqu zobuthishela ngoba ungomunye wothisha esikoleni iRoodepoort eGauteng, nokumsizayo ukuthi aqhubeke ondle ekhaya uma kusavaleleke amathuba okulingisa.
Uthe kumthathe iminyaka emibili ukuphinde abonakale emidlalweni yethelevishini.
NgoMsombuluko ngo-8 ebusuku ubonakale emdlalweni othi Isithembu sikaMsongwelwa.
Kulo mdlalo ulingisa indawo kaSenzeni ongunkosikazi wesibili kaMsongelwa Shange, okuyindawo elingiswa u-Andile Mxakaza.
Ekhuluma neSolezwe uthe yize azakhela udumo ngokuqala ukubonakala kwithelevishini kodwa ukwenza iziqu zobuthishela yinto angazisoli ngayo.
“Ngijabule ukuphinde ngithole ithuba lokulingisa kwithelevishini. Bese kuphele iminyaka emibili ngizama ukuthola indawo engizoyilingisa kodwa amathuba angaveli. Lokhu kwangenza ngafuna umsebenzi eMnyangweni wezeMfundo eGauteng ngempela ngawuthola. Ngiwuthisha kwesinye sezikole khona lapha eGauteng. Ukwenza kwami kanjena ngakubona zisuka ukuthi kumele ngizame ukubamba nhlangothi zonke ukuze ngiqhubeke ngondle ekhaya,” kuchaza yena.
Uthe ethola indawo kaSenzeni waba nokukhathazeka kancane njengoba ubengazi noma abantu bazokwazi ukuyihlukanisa kwendala ayeyilingisa.
“Ukuba umafikizolo ekulingiseni kukwenza uzibuze imibuzo eminingi uma usuya komunye umdlalo. Nami benginakho ukuthi abantu bazokwazi yini ukungibona njengomlingisi omusha hhayi lo omdala. Kodwa ngibona ngathi lokhu engangikucabanga akukhona. Abantu bazomthanda kakhulu uSenzeni njengoba ezifela ngomyeni wakhe njengonkosikazi wesibili. Basuka kude naye ngakho akathandi ukuthi kube khona izinto ezizobahlukanisa isikhathi eside,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi njengoba enguthishela ngokuphelele angakujabulela ukuthola imidlalo engeke ithathe isikhathi sakhe sokuba esikoleni.
Uveze ukuthi angakujabulela ukukwenza imidlalo emincane ezomenza ashuthe ngesikhathi esephumile esikoleni noma ngempelasonto.
Okunye athe akakuthandi ukuba emidlalweni ezomenza angabi nesithunzi phambi kwabafundi bakhe neyehlisa isithunzi sobuthishela.
Abantu baphawulile ezinkundleni zokuxhumana bekhombisa ukukuthakasela ukubuya kwale ntokazi ekulingiseni njengoba yagcina ukubonakala kwi-Diep City.