UQOME ukungabe esaqhubeka nomshado ayehlele ukuthi uzoba kuyo le nyanga uthisha waseMalangeni, eMzinto, obulale ingoduso yakhe ngesihluku ngoLwesibili, maqede waphanyeka i-vidiyo yesigameko kwi-Facebook.
Kulesi sigameko esenzeke eMalangeni, uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32), ugwaze wabulala uNksz Nontobeko Cele (24) waseMandawe.
Isidumbu sikaNtaka sitholwe ngoLwesithathu, silenga esihlahleni ehlathini elibude buduze nendawo yesigameko abulalele kuyo uNksz Cele.
Udadewabo kaNtaka, uNkk Snoxolo Ngubo, oveze ukuthi bebesondelene kakhulu, uthe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule umfowabo wamtshela ukuthi uyawuhoxisa umshado ngoba banezinkinga ezingalungiseki noNksz Cele.
Uveze ukuthi waze wamtshela ukuthi ngemali ayeseyibekile yomshado uzozithengela into ezoba yinhle kuye, nokwaba yimoto, waveza ukuthi bobabili bebekwazi ukuvuleleka kuyena kanti bazivumela ukuthi ubudlelwano babo bese bufike ezingeni lapho bese bezwisana khona ubuhlungu.
Udalule ukuthi umfowabo ugcine ebatshela ngendaba yokuthi ingane (3) obekwaziwa ukuthi unayo noNksz Cele, empeleni akuyona eyakhe.
“Kodwa uyondle kusukela izalwa, eyithengela ubisi, amanabukeni, afake ngisho nemali engu-R2 500 njalo ngenyanga,” kusho uNkk Ngubo.
Nakuba kunjalo, uNtaka ulobole waqeda nyakenye, wembesa waphinde wathembisa umshado ngoFebhuwari nonyaka, noNksz Cele, wahambisa umbondo.
Uveze nokuthi maphakathi nonyaka, umfowabo umshayise ngemoto uNksz Cele kade evakashele ekhweni.
“Sezwa ukuthi babehleli, kwangena umyalezo angawuthandanga uNtobe, kwasuka umsindo. USbu wakhetha ukuphuma ahambe kodwa uNtobe elokhu emi phambi kwemoto waze wagcina eshayiseka,” kusho yena.
Uveze ukuthi ukhona owesifazane umfowabo abesemtholile kodwa bagcina behlukaniswa nguye uNksz Cele ngeselula.
Uthe uNksz Cele bamgcine ngoDisemba 8, efika ehamba noNtaka.
“UNtobe uze wacela abantu abadala basekhaya ukuthi njengabazali babeseke, kuthi uma beletha inkinga njengezingane, babaxazululise yona njengabazali,” kubeka uNkk Ngubo.
Uthe umfowabo umgcine ngeSonto, lapho amtshele khona ukuthi izinkinga zakhe sezingaphezu kwamandla, ebonakala nasebusweni ukuthi kukhona okungahambi kahle.
“Waze wathi ngisho utshwala abusamsizi, washo ukuthi ukube kuya ngaye ngabe uthola isidakamizwa esinamandla ukuze ezozizwa engcono, wathi ucela ngifundise uNtobe ubufazi, ayeke utshwala nabangani,” usho kanje.
Uveze ukuthi uNksz Cele ubemgada uNtaka, engafuni ukuthi ayophuza nabangani, aze aphoqe ukuthi amshayele nge-video call.
Isolezwe lihambela kubo kaNksz Cele, bazichithile zonke izinsolo ezishiwo umndeni wakwaNtaka.
Udadewabo kaNksz Cele, uNksz Hlo Cele, uthe ingane ngeyabo bobabili.
“USbu uyazazi izinto. Uma ebenezinsolo zokuthi akuyona eyakhe, kungani engalwenzanga ulibofuzo?” kubuza uHlo othe batholana eseyintombi nto umufi efunda eMlaza, eCoastal College ngo-2020.
Uyikhombe kuye uNtaka eyokulawula uNksz Cele, ethi wuye obehlala emlusa, efona ngawo ama-video call, kokunye ashaye imoto kushunqe uthuli esuka KwaDukuza ebheke eThekwini, uma engamtholi ocingweni.
Ephawula ngodaba lokulimala kukaNksz Cele, uthe akulona iqiniso ukuthi babephuzile, wavuma ukuthi babexabana.
“Uhlale izinyanga ezimbili esibhedlela. Nakuba ubesephumile kodwa ubengakabi bikho esimweni esikahle kangangoba ubesalekelelwa kokuningi. Futhi njengoba emgwaze amanxeba embulala, ubesapholisa amadala okumlimaza ngemoto,” kusho uHlo.
Wathi uyasola ukuthi ubezibhekile emalini yakwa-Road Accident Fund abeyifakele isicelo, nathe bebengakalwazi usuku lokuphuma kwayo.
Uveze ukuthi yilesi sigameko uNksz Cele agcine emalela sona uNtaka, ebona ukuthi uyingozi.
Elandisa ngokubulawa kwakhe uninakhulu kaNksz Cele, uNkk Mano Cele, uthe uNtaka ufike wazobathatha ekhaya nengane ethi abaye olwandle bese beyothengela ingane.
Uthe ngesikhathi sebebuya, wathi ayehle ingane nesinye isihlobo, asale uNksz Cele.
“Kubone omunye umuntu ukuthi bayalwa phakathi emotweni. Uthe uma ezositshela lapha ekhaya, eselandelelwa, uficwe esembulele,” kusho uNkk Cele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi owesilisa oziqophe i-vidiyo evuma ukuthi usebulele owesifazane wase eyiphanyeka ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili, utholwe ezibulele naye ngoLwesithathu.
“Utholwe elenga esihlahleni eMalangeni, eMzinto, bude buduze nendawo yesigameko lapho ebulalele khona owesifazane,” kusho uNetshiunda.