UMCULO, umdanso nezinkondlo kuhlanganiswe ndawonye, kwajatshuliswa abantu emcimbini iLe Eyabantu, obuseBat Centre, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Nakuba bebekhona abaculi abaziwayo njengoYoung Cannibal noZawadi Yamungu, kodwa kugqame kakhulu ikhono labangakaziwa kubalwa iqembu lomculo nezinkondlo, Abaqeqebuli abebeze bekhase phansi beshaya ingoma yabo entsha ethi Imibala.
Kwabanye abangakadumi abahlanyise izihlwele, wumculi oshaya isiginci u-5 minutes, nabebengama-backing vocalist, oThembalihle Mbuthuma, wuThobeka Dlamini noMandisa Mbambo (abashaya ngamaphimbo amtoti).
Njengangonyaka odlule, umcimbi ubuhleleke kahle kusuka kwi-band, yi-stage nama-light njengoba ezinye izingoma zikaHloniphaniArt azishaye kuwona zizoba kwi-EP yakhe yokuqala azoyikhipha nonyaka.
Okunye okuhlabe abantu umxhwele wukunandisa kwaHloniphaniArt noyise, uMasheshisa, okuchwaze abaningi sebedlala izigingci ngokwehlukana.
UZawadi Yamungu naye wenze adume ngakho ecula ngokubambisana noHloniphaniArt, ingoma yakhe eqhakambisa abantu besifazane, iQhawekazi.
Ngasemaphethelweni omcimbi, uHloniphaniArt obeseshintshe umsiko abewugqoke kuqala umcimbi, ukhale mi izinyembezi esededela ingoma ekhuluma ngobunzima bempilo i-Ekuseni ayicule noYoung Cannibal.
UHloniphaniArt waseCato Ridge, ubonge abantu ngokumeseka nokwenza umcimbi wakhe ube yimpumelelo.
“Ngibonga kakhulu ngothando eningikhombise lona nokuba khona kwenu ukuqinisekisa ukuthi le ngqophamlando iba yimpumelelo,” kubonga uHloniphaniArt.
Umcimbi ubuhanjelwe ngamaciko eminxa yobuciko ehlukahlukene kubalwa imbongi uLady Afrika, wumlingisi weMbewu uYenziwe Sithole, wumbhali wemidlalo yeshashalazi uBongani Mbatha nabanye.