INDAWO yaKwaMbonambi eKZN seyiphinde yagadla ngesinye isimomondiya emqhudelwaneni wonobuhle waseNingizimu Afrika.
Ngo-2021 le ndawo eseRichards Bay yayimelwe wuLalela Mswane owagcina ehlabane ngalesi sicoco. Akagcinanga lapho uLalela, wabuye wakhala wamuka nesicoco sikaMiss Supranatural ngo-2022.
Kulo nyaka le ndawo esenyakatho yogu laKwaZulu-Natal imelwe wuSinenhlanhla Mthethwa (23) kwiTop 30.
Lesi singqazu esaphothula uGrade 12 eManqamu High futhi esineziqu zePsychology esazenza e-University of Zululand, sithe sifuna ukudala amathuba emisebenzi ngesicoco sikaMiss South Africa.
USinenhlanhla uthe useqalile ukwenza lokho ngenkampani yakhe esika ingqephu, iCassie M Clothing njengoba enabasebenzi besifazane abangu-9. Ukhamba lufuze imbiza kuSinenhlanhla njengoba eyindodakazi kasomabhizinisi onesitolo ngakubo, uNkk Nozipho Mbuyazi noMnuz Walter Ntuli ongusomatekisi.
Akukhona okokuqala uSinenhlanhla engenela umqhudelwano wonobuhle kodwa wake wahlabana ngesicoco sikaMiss Mamelodi Sundowns KZN ngo-2021.
USinenhlanhla akuyena yedwa omele iKZN kuMiss South Africa 2024 kodwa uqokwe no-Andrea Morrison (25) waseThekwini, oneziqu zeHonours emkhakheni wemfundo azizuza e-University of KwaZulu-Natal, unguthisha wesiNgisi.
Owesithathu nguLebohang Khoza (27) waseMgungundlovu oneziqu zePerfoming Arts azithola e-University of KwaZulu-Natal futhi usenguthisha walezi zifundo. Intokazi yesine nguNokulunga Zungu (29) waseMlaza oneziqu zeB Com kwezamabhizinisi azithola e-University of South Africa.
Ukuvotela intandokazi yakho ungangena kule- Apple App Store noma ku-Google Play ukuze uthole i-App kaMiss South Africa futhi ukuvota kuvalwa ngoMeyi 29 ngo-6 ebusuku. Ababukeli bazokwazi ukubona abadlulele emzuliswaneni wamanqamu ohlelweni lweTV iCrown Chasers kuSABC 3 kusukela ngoJuni 29 ngo-8.30 ebusuku.
Ukuvotela intandokazi yakho ungangena kule- Apple App Store noma ku-Google Play ukuze uthole i-App kaMiss South Africa futhi ukuvota kuvalwa ngoMeyi 29 ngo-6 ebusuku.Ababukeli bazokwazi ukubona abadlulele emzuliswaneni wamanqamu ohlelweni lweTV iCrown Chasers kuSABC 3 kusukela ngoJuni 29 ngo-8.30 ebusuku.