UNIMROD Nkosi owazakhela igama ohlelweni iJam Alley ngeminyaka yawo-1990, uthi kufezeke isifiso sakhe seminyaka ngokuthola indawo ezomenza aziwe nakwamanye amazwe emkhakheni wokulingisa.
UNimrod uzobe elingisa indawo ephambili kaGatsha Gumede emdlalweni iLaw, Love and Betrayal, ezoqala ukukhonjiswa kwiShowmax kusuka ngoSepthemba 5.
UGatsha uma emchaza uNimrod, uthe owesilisa ophumelele empilweni kodwa ikhaya asuka kulo ehlupheka lamenza wakhuthalela imfundo waze waba ummeli.
“Ngijabule ngokuthi umdlalo uzokhonjiswa kwiShowmax. Mina ngimdala kule ndima kaqedisizunguu, ngesikhathi sisafika sasifisa ukuthi kube neziteshi ezifana nalezi, kodwa kungelula. Kuyisibusiso ukubona ukuthi esasikufisa kuyenzeka manje umuntu umsebenzi wakhe usuzobonakala nakwamanye amazwe. Umkhakha esikuwo ushintshile kuyajabulisa ukuthi kufezeka amaphupho umuntu ayecabanga ukuthi ngeke aze awabone. Ukuthola indawo ephambili kungijabulisile yize sengineminyaka ngangena emkhakheni wokulingisa ngabonakala emidlalweni okukhona kuyo Isibaya, iThe Queen neminye emincane,” kuchaza uNimrod.
Uthe ukubonakala kwamanye amazwe akangabazi ukuthi kuzomvulela amanye amathuba.
UNimrod uthe ukubuka amafilimu athinta umthetho nokuba ummeli kanjalo nokuba nabangani abakulo mkhakha kwenze umsebenzi wakhe waba lula.
“Uma ungumlingisi uyafisa ukuthi ukhule umsebenzi wakho ubonakale nakwamanye amazwe. Kulo mdlalo kube lula ukuthi indawo engiyinikiwe ngiyiqonde ngakwazi ukusebenza kalula ngayo. Ukubuka namafilimu okukhona kuwo iTo Kill A Mockingbird nezinhlelo okukhona kuzo iLA Law, Matlock, Chicago Law neBoston Legal nakho kwenze kwaba lula nengithemba ukuthi abantu bazowujabulela lo mdlalo,” kuchaza yena.
Abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uDineo Rasedile noPearl Modiadie.