EMINYE yemithetho yozime beyishabalalisa amaphupho abesifazane abaningi eminyakeni eyedlule njengokungabe usavumeleka ukungenela imincintiswano uma usunengane.
Lokhu kwawisa ozime abaningi ababenamaphupho amakhulu ngalo mkhakha. UNksz Nokulunga Mathe (39) waseHammarsdale kwaphoqa ukuthi ashiye phansi emuva kokuthola umntwana.
Lokhu kwashiya isilonda enhliziyweni yakhe nosekwenze wavuka wazithintitha uma kuvela ithuba lozime esebekhulile nokwenze wangenela uMrs Bold South Africa.
Lo mncintiswano kaMrs Bold South Africa awudingi ukuthi uze ube ngowesifazane oshadile kodwa kumele ube namagalelo emphakathini nosizo kubantu. Lokhu kuncike kakhulu emsebenzini wakhe wokunakekela abagulayo.
"Ngezikhathi zethu imithetho beyicindezela kakhulu ngoba uma usunengane ubungavunyelwa ukuqhubeka nokumodela. Ngangikuthanda kakhulu ngihlala ngingenela ezikoleni ngiwina.
“Ngokuthola ingane lashabalala iphupho enganginalo, ngibone ukuthi manje sengingakwenza ngoba izingane sezikhulile futhi asekhona namathuba abantu abakhulile," kusho uNksz Mathe
UNksz Mathe osebenza esibhedlela eGreys eMgungundlovu uke wasebenza nasesibhedlela saseThekwini i-Addington enza wona lo msebenzi wokuqhuba iziguli uma ziyohlinzwa noma zidingeka kwamanye amagumbi odokotela.
Uveze ukuthi uyawuthanda umsebenzi omsondeza ebantwini nozomenza abe wusizo kubona. Kuyimanje umatasa nomkhankaso wokuqoqa izinsiza zokufunda nezinto ezahlukene ezizosiza ezikoleni.
"Ngibona kubalulekile ukutholela abafunda u-matric amalambu okukwazi ukukhanyisa njengoba kunenkinga kagesi. Izingane eziningi zizotadisha kanzima.
“Ngisazama uxhaso ukuze ngikwazi ukuhambela izikole ezehlukene, isifiso sami ukugxila kakhulu kumaqakelo. Ngiyacela kwabangaba nothando lokulula isandla sibambisane sisize izingane," kusho uNksz Mathe.
Ukuba umzali ngenye into emjabulisayo njengoba enendodakazi eno-16 nendodana eno-14.
UMrs Bold South Africa kulindeleke ukuthi umcimbi wawo ube ngo-26 Okthoba eGoli nokusazomenyezelwa indawo eqondile yomcimbi. UNksz Mathe usawadinga namavoti okumbeka phezulu kulo mncintiswano, ukumeseka ungathumela isms ethi: bold 230 ku-47439.