LIGQASHUKILE igoda phakathi komlingisi obese ezakhele udumo nogazi kubalandeli bomdlalo, Umkhokha The Curse okhonjiswa kuMzansi Magic (161) kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-8:30 ebusuku.
Kuthiwa uLangalakhe Zwane obedlala indawo kaMaphalala ukhonjwe indlela ngoba sekubuyiswe uMbuso Khoza okunguye ovale isikhala sakhe.
Umthombo wangaphakathi opotshozele Isolezwe ngeSonto lolu daba ukuqinisekisile ukuthi kuphelile ngoZwane kulo mdlalo kodwa umthombo wale waphetha ukubeka isizathu esenze ukuthi kuchithwe lo mlingisi.
Ethintwa uZwane ubuze ukuthi intatheli iluthole kuphi lolu daba, esho ngokuncokola.
"Ngizwile nami ngaleyo mibiko. Empeleni kuthiwa sekubuye umuntu obekufanele kube nguye olingisa indawo kaMaphalala. Njengomlingisi ngiyakuqonda okwenzekayo kanti futhi anginankinga nakho," kusho uZwane ozwakale ezikhululekele.
Ngesikhathi kusaqala lo mdlalo uKhoza ubevele ebonakala enaye kodwa wabuye wanyamalala.
Obekwenza ukuthi indawo kaKhoza kunganakeki ukuthi akekho yingoba izwi lakhe belizwakala njengoba kunguye ocula phambili.
Kwenzeka lokhu nje uZwane obephinde alingise kwiMbewu nakhona izinto azihambi kahle njengoba lo mdlalo unqanyuliwe.
UDuma kaNdlovu ongomunye wabasunguli balo mdlalo, ethintwa yintatheli yephaphandaba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nemiyalezo athunyelelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga.
Khonamanjalo abomdlalo owuchungechunge, iGenerations The Legacy ekhonjiswa ku-Sabc 1 ngo-8 ebusuku phakathi nezinsuku ukhombe indlela uMusa Ngema obedlala indawo kaMazwi Moroka.
Lo mlingisi bebemsola ngempakamo nokungawabizi kahle amagama esiNgisi.