AMACIKO aKwaZulu-Natal ayibekile induku ebandla engqungqutheleni yababhali bamazwe ngamazwe ebibanjelwe eNanjing Literature Centre, eChina, muva nje.
Lawo maciko abeyingxenye ye-Amaloba The Traces Global Book Tour ngumlingisi oyimbongi uNtokozo "Sngqazu" Ngcobo, umxoxi wezinganekwane odume umhlaba wonke, uDkt Gcina Mhlophe, usonkondlo uXoli " Zion" Vilakazi, usonkondlo uNkululeko "Page" Ngwenya nomculi we-jazz, uCebo Ngema.
UNtokozo, ozakhele udumo ngokudlala indawo kaQueen Ibanathi kwiFalakhe neyeNdlovukazi uNandi kwi-Nandi The Musical, uthe lolu hambo lube yimpumelelo futhi wathi bamukelwe ngezandla ezifudumele.
UNtokozo uthe kusho lukhulu kuye ukukwazi ukuqhakambisa ubuciko namasiko akuleli.
"Njengomuntu okhulele emakhaya, angikaze ngakucabanga ukuthi izindaba nezinkondlo zami zaziyogcina sezithakaselwa nangabantu baphesheya kwezilwandle. Ukubona incwadi yami, Amaloba The Traces, seyifinyelela kubantu bakwamanye amazwe kuwukufezeka kwephupho lami. Kuwubufakazi bamandla okuxoxa indaba."
Uthe uyaziqhenya ngokuyomela iNingizimu Afrika nokuqhakambisa amazwi ahlukene emhlabeni jikelele. Uthe le mpumelelo iyizinkomba zokuthi izindaba zase-Afrika zithakaselwa nanoma yikuphi. Uthe ababhali bamazwe ngamazwe bathola ithuba lokufunda kabanzi ngokuqukuthwe yincwadi yakhe esihloko sithi Amaloba The Traces.
Utuse kakhulu amagalelo kaDkt Mhlophe nangoxhaso lweMzansi Golden Economy, okuwuphiko olungaphansi koMnyango wezobuCiko namaSiko.
UNtokozo uthe uzosuka eChina, aqhubekele kuchungechunge oluse-United States (US) nase-United Kingdom (UK).