LIYALELWE ukuthi liphumule lize lilulame ngokugcwele iPhini likaMengameli lezwe, uMnuz Paul Mashatile, “elihlaselwe yisiyezi” ngesikhathi lithula inkulumo emcimbini obuseLimpopo, ngempelasonto.
Kwaphazamiseka umcimbi ngesikhathi uMashatile “ehlaselwa yisiyezi”, wasizwa unogada esewa kugujwa usuku iN’wamitwa, eLimpopo.
Selokhu kwenzeke lesi sehlakalo, uMashatile uhlatshiswe ikhefu kanti kudingeke ukuthi kuhlehliswe nokuvela kwakhe ePhalamende ngoLwesine ntambama.
Ubezovela ngaphambi koMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, lapho ebezophendula khona imibuzo. Lolu hlelo beluzokwenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Okhulumela uMashatile, uMnuz Keith Khoza, uthe lo mholi uhlatshiwe ikhefu yithimba lodokotela kulandela isehlakalo.
Uthe uyalelwe ukuthi aphumule lonke leli sonto nakuba esengumqemane.
“Usengumqemane kodwa nakuba kunjalo kuthiwe akathi ukuphumula. Mayelana nokuvela ePhalamende, ubhalele uSihlalo weNdlu emnxusa ukuthi kuhlehliselwe olunye usuku ukuphendula imibuzo.”
Uthe yinto eseqhulwini kuyena ukuvela ePhalamende njengoba ehlale enxenxa noNgqongqoshe ukuthi bavele ngaphambi kwePhalamende.
Uveze ukuthi uthemba ukuthi maduzane bazolikhipha usuku azophendula ngalo izinto ezithinta ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini, ezithinta ezolimo nokukhiqizwa kokudla kanjalo nezinhlelo zokulwa nobugebengu.
Ekomitini lasePhalamende elihlanganisa osotswebhu bamaqembu ahlukene izolo, kuvele ukuthi lizoguqa kuze kube yinyanga ezayo.
Ngokwezinhlelo zokuphendula imibuzo kukaMashatile obekuhlelelwe inyanga ezayo bekuzokwenzeka ekupheleni kuka-Okthoba.
Amalungu ePhalamende athe anethemba ukuthi ngalesi sikhathi uzobe eseluleme esekwazi ukuzovela aphendula imibuzo.
Okunye okuvelile ukuthi njengoba ehlabe ikhefu ezinye zezinto okumele zibikwe kuyena ezithinta iPhalamende zizolinda aze abuyele ehhovisi.