NOKUBONGWA PHENYANE
OSAZIWAYO bakuleli okukhona kubo uShauwn Mkhize, Khanyi Mbau, Nthati Moshesh, Moonchild Sanely, Rami Chuene bangabanye abazobonakala ohlelweni iBehind The Story, olubuya namhlanje kwiBET Africa (channel 129), ngo-10 ebusuku.
Kulolu hlelo olwethulwa nguPearl Thusi, osaziwayo bazobe bekhuluma ngemikhakha abakuyona nezingqinamba abake babhekana nazo empilweni.
Kule sizini abakwaBET baveze ukuthi izihambeli eziningi kuzoba ngabantu besifazane ababonakale bekhula emikhakheni abakuyona ehlukile.
Lolu hlelo bekumele luqale ngenyanga edlule kodwa kwangenzeka lokho ngezizathu ezingavezwanga kwabezindaba.
UPearl uveze ukuthi abantu mabamethembe njengoba kukuningi okuzovela kosaziwayo azokhuluma nabo ohlelweni.
“Abalandeli balolu hlelo engingabatshela khona nje wukuthi bangaphuthelwa nangesisodwa isiqephu njengoba kukuningi esizokhuluma ngakho,” kuchaza uPearl ngamafuphi.
Lolu hlelo okuhlukile ngalo kulokhu wukuthi uPearl nosaziwayo azobe ekhuluma nabo, ngeke bahlale ndawonye ngenxa yemigomo yeCovid-19.
Konke bazokwenza besemakhaya ukulandela imiyalelo kahulumeni ethinta igciwane.
Okunye okuke kwagqama ngalo wukuchithwa kukasomahlaya wakuleli uTall Ass Mo nonkosikazi wakhe uMome abebezobonakala bexoxa ngemikhakha abakuyona.
Lokhu kwadalwa wukuthi umkhangisi wakuleli uLerato Moloi wabhala isitatimende eveza ukuthi wadlwengulwa yilo somahlaya.
AbakwaBET baveza ukuthi ngeke isakhonjiswa inkulumo ngxoxo yabo ngenxa yokuthi sekuvele lezi zinsolo, udaba lwakhona olusesenkantolo.
Bathi njengesiteshi nenkampani abangaphansi kwayo iMultichoice neViacomCBS Africa, kabahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
UShauwn uzovela kulolu hlelo nje, yena nendodana yakhe u-Andile, baqokwe emcimbini omkhulu wezindondo iThe Hollywood & African Prestigious Awards (HAPAwards).
Umcimbi uzoba ngoNovemba 2 eThe Orpheum Theatre eLos Angeles, e-USA.
Kulo mcimbi baqokwe emikhakheni weBest Reality TV Show, ngohlelo lwabo oluthi KwaMaMkhize.
U-Andile uqokwe emkhakheni weBest New Independent African Artists noweBest New Male Independent African Music Video.