Kuhlomula namaciko endawo ngomcimbi, iLast Dance Music Festival, ezoba se-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu, ngoDisemba 31 njengoba ezonikwa ithuba lokucula kuwona.
Lo mcimbi, oxhaswe yiSolezwe nogubha iminyaka engu-14 ukhona, uzobe ubophele abaculi abadumile bakuleli.
Kubalwa kubo uDJ Maphorisa noKabza de Small, Sjava, Mthandeni SK, Nasty C, Kwesta, Khuzani, Big Zulu, Tyler ICU, Dladla Mshunqisi noSlenda Da Dancing DJ. Uhlelo luzobe luphethwe nguNomalanga Shozi, Njini, Mroza, Nothando Ngcobo nabanye.
Amathikithi aqala kuR200 eTicketpro naseSpar.
Umhleli womcimbi, uSipho Ndaba, uthe ngempelasonto babe nenkundla yokucobelelana ngolwazi eJambo Arts Centre namaciko. Uthe bebebambisene noMasipala waseMsunduzi, Cultural and Creative Industries Federation of South Africa esifundeni iMgungundlovu noMnyango wezobuCiko namaSiko kuso kesi sifunda.
“Isasasa belilikhulu futhi kunamaciko aphuma esifundeni sonke. Inkundla yokucobelelana ngolwazi ibiyimpoqo kulabo abebefuna ithuba lokucula kwiLast Dance ngoba akusizi ukuthi sikuthuthukise ngokucula kuphela sikuyeke ngolwazi,” kuchaza uSipho.
Uthe ngemuva kokucobelelana ngolwazi kube nenhlolokhono kwabafuna ukucula esiteji seLast Dance ngoba abafuni abaculi bendawo basale ngaphandle.
“Esibatholile bazocula kwipicnic esinayo e-Alexandra Park ngoJanuwari 1. Nakhona kuzobe kunamajaji azohlunga abazocula kwiLast Dance ngonyaka ozayo. Kulo nyaka sebekhona abaseMgungundlovu esinabo kwiLast Dance esabathola ngonyaka odlule. Kukhona nabanye esisazobengeza, sizokhipha uhla lwabo nje kungekudala. Kukhona uSanza, Mqhelemane, Laprince, Londly Mkhize, Latrendy, Cheeze, Vince Da Major nabanye,” kusho uSipho.
ILast Dance Music Festival izobe isakazwa bukhoma kuSABC 1 kusuka ngo-9 ebusuku.