BAZOBHEMA bakholwe abathandi bomculo wejazz ngoba zizotheleka ngezinkani izihlabani zalolu hlobo lomculo ngoSepthemba 30, eThe Station, eThekwini.
Zizosina zidedelana ekhonsthini iMusical Collaboration in Cultural Diversity, ehambisana nesiqubulo esithi Jazz Meets Bollywood.
Phakathi kwezihlabani eziboshelwe ekhonsathini kubalwa uJimmy Dludlu, Shashika Mooruth, Nick Pitman, Vincent Mtetwa, Thee Legacy, Zawadi Yamungu, Royalson noNicky Shange.
Ekhuluma ngomcimbi umhleli wawo, uPhilani Duma, uveze ukuthi uhlele ukuthi ahlanganise izinhlanga zakuleli njengoba kuyinyanga yamagugu.
“Uma ubheka abantu abazonandisa kulo mcimbi kukhona abenza izinhlobo ezahlukene zomculo okungabamnyama nabaseNdiya. AbaseNdiya bazobe beholwa nguRajive Mohan. Sikhethe nokumema izihambeli eziqavile ezisemikhakheni ehlukene yejazz okubalwa iSAJAA (South African Jazz Appreciators Association), iKZNJAA (KwaZulu Natal Jazz Appreciators Association) nabanye,” kuchaza uPhilani.
Uthe bamema wonke umthandi womculo ukuthi abe yingxenye yekhonsathi ngoba bafuna ukugqugquzela umuzwa woxolo nokuzwana.
“Izingoma abazozigqamisa kulo mcimbi ezihambisana nomuzwa wokuzwana. Ivangeli leli okumele silishumayele ngazo zonke izindlela,” kuchaza yena.
Uthe beyinhlangano iSagiya Foundation, bazobuye balethe uhlelo lokufundisa ngomculo iMusic Business Master Class mahhala ngenxa yokuthi kukhona uxhaso abalutholile.
UPhilani uthe amathikithi aqala kuR300 kanti iVIP ibiza uR700.