KUBOSHELWE abaculi abanohlonze nosaziwayo ebehlukene emcimbini iSiyashosholoza ozokuba ngoJanuwari 1, 2025.
Lo mcimbi uzobanjelwa eMsinsi Inanda Dam, uzokube ungowesithathu uba khona kulo nyaka. Lokhu kuvele ngesikhathi wethulwa ngokusemthethweni muva nje.
Phakathi kwabaculi okuvele ukuthi bazobe beshiyelana inkundla lapha yilaba abalandelayo:
UGatsheni, Dj Tira, Black Major, Dladla Mshunqisi, Jumbo, Talibans SA, Duncan, Dj Cndo, Limit, Rusel Zuma, Dj Happygal, Sosha, Bulistic, Dlulas, Duncan G, Lady Bongz, Tha Simelane, Fly Motion, Dust GZA, Kullerrobox, Kwenzo Ngcobo, Wonder Ndlovu nabanye.
Okhulumela abomcimbi uShokwakhe Chonco, uthe bakubheke ngabomvu ukuba khona kwawo futhi likhulu ithemba lokuthi uzohamba kahle kakhulu.
"Sifuna ukuthi konke kuhambe ngendlela efanele kulo mcimbi. Lona umcimbi esisuke sihlose ngawo ukuthi abantu bajabule ngesikhathi bengena onyakeni omusha,'' usho kanjena uChonco.
Uqhube wathi bahlale phansi babonisana base benquma ukuthi ababize abaculi okuzoba lula ukuthi babathakaselwe ngabantu uma benanindisa ngosuku lo mcimbi.
''Siyabethemba bonke abaculi esibabizile ngokuthi bazobashiya bejabule abantu abazobe befikile kulo mcimbi wethu esiwuhlelayo,'' usho kanjena.
Uthe bakhethe ukuthi babize abaculi bezinhlobo ezahlukene ukuze kungabi ngabantu abathanda uhlobo oluthile kuphela abahambela umcimbi.
Amathikithi aseyatholakala ezitolo ezahlukene. Abiza u-R200 kanti esangweni ayobe esebiza uR320. Ithikithi leVIP libiza uR500. Amasango ayovulwa ekuseni ngo-10:00.