USHIYE abantu bemi ngezinyawo befuna impinda umculi wokholo uLusanda Beja waseKapa, owazakhela igama engenele uhlelo ama-Idols SA.
ULusanda osengumculi wokholo othandwayo, ubengomunye wabaculi akade benandisa emcimbini i iPre-Easter Gospel Music Festival, e-ICC, eThekwini.
Kwabanye abanandise kulo mcimbi obungoMgqibelo ebusuku, bekukhona uKhaya Mthethwa, Oncemore Six, Cannan Nyathi, Ntokozo Ngongoma, Sindi Ntombela, Jumbo, Mpumi Mtsweni, Xolly Mncwango nabanye.
Abebehambele lo mcimbi bababaze ikhono likaLusanda obeshaya izingoma zakhe ezihlukene zokholo ezithinte abaningi abanye bakhala inyembezi.
ULusanda ubonge abantu akade behuba naye nabanxuse ukuthi aqhubeke acule yize bese siphelile isikhathi sakhe esiteji.
Lo mcimbi oqale ngesikhathi, abaculi abaningi bangene ngesikhathi akade belindeleke ngaso yize kuze kwaba isezintatha usaqhubeka.
Bonke abaculi akade bekhona benze ezibukwayo njengoba izihambeli zalo mcimbi ebezigcwele mfi i-ICC bezijabulela izingoma ezahlukene, lingekho ithuba lokuthi zihlale phansi zidonse umoya.
Umhleli walo mcimbi, uGa Ndlela, ubonge bonke akade bewuhambele wathembisa ukuthi nakanjani ngonyaka ozayo uyabuya futhi bazolungisa lapho kwenzeke khona amaphutha.
Naye ube esecula izingoma zakhe ezehlukene.
Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe uPhindi P ongumsakazi woKhozi FM, odumise kwajabula abaningi.