KUSHAQEKE abaningi kwanxuswa ukuthi uhulumeni angenele emaholweni abasakazi, ngemuva kokuthi umsakazi weGagasi FM, uPenny Ntuli eveze izindaba zokuthi uyashiya kulo msakazo akade ehola kuwo u-R2 800 ngenyanga.
UPenny oqale kulo msakazo eminyakeni emibili edlule, Isolezwe ngesonto eledlule libike ukuthi uyashiya kulo msakazo, kodwa kwangavela zizathu ezimenze wahoxa kuwo.
NgoMsombuluko, uPenny ube eseziqinisekisa izindaba zokushiya kulo msakazo, wathi inkinga yakhe ngawo ukungajabuli ngemali abeyithola iminyaka emibili edlule nazoyithola uma sekuvuselelwa inkontileka yakhe entsha.
Ufake inkontileka ebiveza ukuthi ngohlelo alusakaza kanye ngeSonto uzohola uR711, 98 ngalo lodwa. Isolezwe lithole ukuthi umholo wabasakazi uyehluka ngeziteshi nangokuthi baxoxisane kanjani nabaphathi ngesikhathi besayina izinkontileka.
“Bese kuyisikhathi sokuvuselelwa kwezinkontileka futhi nami nganikwa ithuba lokuthi ngibuye. Ngivumile ngaphambi kokutshelwa ukuthi ngizohola uR2 800 ngenyanga. Yinto engahlukile kakhulu kunebengikuhola eminyakeni emibili edlule,” kusho uPenny.
Uthe uzizwe edelelekile kodwa wabuye wayocela abaphathi ukuthi bayibuyekeze imali abathi bazomholela yona ngoba akukho angakwenza ngayo.
“Impilo izoma uma ngiveza i-payslip yami. Ngibuze ukuthi ngizowondla kanjani umndeni wami ngale mali ngoba bonke babheke mina? Bona bangaphila ngale mali? Bengingalwi.”
Uthe ube esethatha isinqumo sokuthi bangayivuseleli inkontileka yakhe.
“Angiyekanga ngoba kukhona okungcono esengikutholile. Angiyekanga ngoba ngingasathandi. Umuntu owazi mina uyazi ukuthi ngikuthanda kangakanani ukusakaza nokuthi ngilithanda kangakanani iGagasi FM kodwa kuyiqiniso, angibuyi kulo nyaka. Yize kunjalo ngiyabonga kakhulu kwiGagasi FM ngethuba.”
Isolezwe liphinde lathola ngomthombo walo ukuthi uKhaya Dladla naye uyashiya kulo msakazo ngenxa yokungajabuli ngendlela aphatheke ngayo.
“UKhaya ukhale ngendlela abafuna azinikele ngayo kulo msakazo ekubeni indaba yemali bengayilungisi. Bafuna ukuthi uKhaya ahlale eseThekwini ngaso sonke isikhathi ekubeni enezinye izinto azenzayo eGoli. Udaba lwamaholo yinto okumele bayilungise kulo msakazo njengoba ikhalisa abantu abaningi,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi kulesi siteshi enye indaba engacaci ekaHope Mbhele naye osekuphele amasonto amaningi engezwakali ohlelweni lwakhe lwangeSonto iSunday Chill Zone, okuyimanje kuzwakala kuyo uMinnie Ntuli.
“Engingakutshela khona nje uSphectacular noNaives bayabuya kulo msakazo njengoba beke babonakala la eThekwini ezinsukwini. Ohlelweni lwasekuseni azikho izinguquko kanjalo nolukaNjabs. Emini uKhaya noDJ Sonic nabo abayi ndawo, kodwa ntambama uKhaya njengoba eseshiyile nje ngizwe kuthiwa uHeazy uzofakwa kolunye uZisto kungenzeka asale ntambama,” kuchaza umthombo.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bazwakalise ukudumala kwabo ngamaholo abasakazi beGagasi.
USt Sebastian West Mndau uthe: “Nina nikhohlakele R2800? nisile nje sibuyela kuKhozi nidlala ngabantu”.
Umholi we-Action SA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango uthe: “Ngeke baholi baKwaZulu-Natal bengithi mina asihlangane sonke, ANC, IFP, EFF ne-ActionSA sike siyoxoxa nabaphathi beGagasi FM. Manje sekumele sazi ukuthi bahola malini abasakazi bonke uma kuyiqiniso ukuthi Penny Ntuli uhola R2800. Nomfana ongilusela izinkomo uhola ngaphezu kwalo msakazi. Akumele sivume lokhu kungaphatheki kahle kwabantu, uma kuyiqiniso. Umsakazo ozimele impela kodwa uhulumeni uyakhangisa kulo msakazo. Yikho-ke singenela”.
Okhulumela Igagasi FM, uKhulekani Shandu uthe okwamanje akukho abazokukhuluma bamema intatheli ukuthi izifikele eMhlanga kusasa njengoba bezomemezela uhlu olusha lwabasakazi.