ABAHLELI bomcimbi okulindeleke ukuthi uhehe abathandi bomculo kamaskandi abavela ezindaweni ezahlukene Ugu Maskandi Festival, bathi konke sekumi ngomumo ngomcimbi.
Babalule izinkinga zokucisha kukagesi esezivame ukumisa kabi abahleli bemicimbi ukuthi ngeke zibe khona.
Lo mcimbi kamaskandi ozoba sesifundeni Ugu, ngoMgqibelo, ozobe ungowesithathu kulo nyaka, uzobe usenkundleni yezemidlalo Ugu Sports and Leisure, ePort Shepstone.
UMelusi Khwela woGu Broadcasting Services okuyinkampani ehlele umcimbi, uthe uyazi ukuthi abantu bangaba nemibuzo eminingi ngendaba kagesi kodwa konke sekulungisiwe ukuqinisekisa ukuthi akubi nabuhixihixi ngosuku olukhulu.
“Ngodaba lukagesi sihlele ukuthi sibe nezinjini ezinkulu okuzothi uma kufika leso sikhathi bese sidumisa zona uqhubeke umcimbi,”
“Thina sesilinde abantu ukuthi bafike kulo mcimbi njengoba konke sekumi ngomumo, bonke abaculi esibathembisile bakhona bazobonakala esiteji. Umcimbi lona okhula minyaka yonke futhi sithokozile ngokuthi ngawo sikwazile nokuthuthukisa abanye abaculi bakamaskandi esibabiza ngaphansi kohlelo Inkunzi Isematholeni, abebevotelwa ngabalandeli babo nokuzothi abangu-13 kubona babonakale beshiyelana inkundla emcimbini.
Uthe okunye abakuhlelile wukuthi ngehora leshumi ekuseni uqale, inkundla ivulelwe amaqembu endawo.
“Abantu abasheshe bafike ngenxa yokuthi baningi abaculi, umcimbi uzoqala ngo-10 ekuseni, uvalwe ngehora lesihlanu ekuseni, abafike bephethe konke abazozijabulisa ngakho ngaphandle kwamabhodlela, wona-ke asiwadingi. Ezokuphepha zizobe ziqine kakhulu futhi siyathemba ukuthi abantu bayofika baze bahambe bejabule,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi abaculi abazobe bekhona kubalwa Amageza Amahle, Amavikela Mbuso, EzeChalaha, Thwasa Lekhansela, DSD, Dumakahle, Gatsheni, Khuzani, Phuzekhemisi, Buselaphi nabanye.
Uthe uMbuzeni neChwane Lebhaca yibona kuphela abazocula bukhoma kulo mcimbi.