UMLINGISI uSisanda Henna useveze ukuthi indawo azobonakala eyilingisa emdlaweni iDevil’s Peak, kwiM-Net kusuka ekupheleni kwale nyanga, izothinta imindeni kakhulu.
Indawo kaThobela Mpikayipheli, uthi izogqamisa ubaba owenza noma yini ukuvikela umndeni wakhe.
Lo mdlalo uzokhonjiswa njalo ngamaSonto, ngo-8, ebusuku kusuka ngo-Okthoba 29.
Echaza ngomdlalo uSisanda, uveze ukuthi ukuqopha iziqephu ezinhlanu zawo, kumenze wabona ukubaluleka komndeni, okuyinto naye anayo.
“UThobela ngowesilisa osuka ekusebenzeni ophikweni lwabaphenyi abazimele. Ngakho ukuhlaselwa komndeni wakhe kwenza ukuthi aphenye kabanzi, ukuthi wobani abenza lokhu, edolobheni abahlala kulo eligcwele ubugebengu.
Konke ukubeka ezandleni zakhe futhi ngesikhathi esethola ukuthi izigebengu wobani, ngasinye ufuna sazi ukuthi sihlaselwe wubani njengoba zonke egcina ngokuzibulala,” kuchaza yena.
Uthe indlela umdlalo omthinte ngayo, imjabulisile ukuvuselela uthando naye analo ngomndeni wakhe.
“Ngiyanxusa ukuthi obaba nomama bawubuke lo mdlalo. Nakanjani kukhona abazokufunda ngenxa yokuthi ukuhlukumezeka esikuthola ngezindlela ezahlukene emphakathini esikuyo, singakwazi ukuthi siziphindisele kubenzi bobubi, hhayi ngokuthi sibalimaze kodwa ngezindlela ezehlukene ezingenza umphakathi nomndeni bakubone njengeqhawe,” kuchaza yena.
Kulo mdlalo umlingisi uMasasa Mbangeni, yena uzobe elingisa indawo yephoyisa uColonel Themba Genge. Naye unomndeni ofudumele kodwa yizinkinga zasemsebenzini ezimenza angakwazi ukujabula empilweni yakhe.
UMasasa uthe kuyamjabulisa ukuba kulo mdlalo ngoba uhlukile kuneminye ake waba kuyona.
Uthe lo mdlalo kuye ukhethekile futhi uyawuthanda ngenhliziyo yakhe yonke.