LIZOKWENZA okuhlukile iqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration njengoba ngempelasonto lizobe liqopha i-albhamu yalo yesi-28.
Leli qembu ngoLwesihlanu lizobe lijabulisa abalandeli balo ngomculo eNyuvesi yaseZululand, eMpangeni ngenjongo yokubonga abalandeli balo abakude neTheku.
Ekhuluma neSolezwe uLindelani Mkhize ongomunye wabasunguli balo uveze ukuthi ngendlela isifundazwe saKwaZulu-Natal esivuleke ngayo, bakhethe ukuthi baqale maphakathi nesifundazwe ukwenzela abalandeli babo abahlale bekhala ngokungababoni uma besekhaya.
“EKZN kusekhaya la leliqembu, ngakho sikhetha ukuthi uma siza khona senze okuhlukile ukuze sijabulise abalandeli bethu. Kulokhu njengoba sibuya ngemuva kweminyaka eyisikhombisa sagcina ukuqopha khona sizoqala eMpangeni.
“Simema abantu basemadolobheni akude neTheku ukuthi beze bazojabula nathi. Abantu abazoba khona ngoLwesihlanu sibathembisa into yamehlo futhi basenhlanhleni yokuthi bazozizwa kuqala izingoma ezintsha nezindala,” kuchaza yena.
Uthe ngoMgqibelo nangeSonto bazobe bese-ICC, eThekwini kanti banxusa abantu baphuthume bathole amathikithi njengoba ethengwa ubuthaphuthaphu.
“Siphethe konke okuzobajabulisa abalandeli bethu. Kusuka engomeni kuya kubantu abasha abazobonakala nathi becula. Ukusiza intsha efuna ukungena emculweni ngenye yezinto esizikhuthalele kakhulu.
“Ngakho kuningi okuzodonsa amehlo. Okunye esikunxusayo ukuthi abantu beze bewalungisile amaphimbo abo njengoba bezocula nathi kusuka umcimbi uqala uze uphele,” kuchaza yena.
Isolezwe lithole ukuthi kwabasha abazobonakala kukhona noNelisizwe Sikhosana waKwaMashu njengoba eseyingxenye yalo.
UNelisizwe wakhala wemuka ngonyaka odlule nesicoco emncintiswaneni iGospel Icon Discovery, eyenziwa uMnyango wezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaThuna ngaphansi kukaMasipala weTheku.
Isolezwe linethuba lokuwinisa ngamathikithi eJoyous Easter Megafest.
Abafundi bangaba senhlanhleni yokuziwinela amathikithi okuyothamela i-Joyous Live Recording, eDurban ICC, ngomhlaka 30 no 31 Mashi 2024.