KUZOHLANGANA izinkakha zabalingisi, uNandi Nyembe noThembi Mtshali-Jones emdalweni i-The River ku-1 Magic ekuqaleni kukaJulayi.
Isizini entsha yalo mdlalo kulindeleke ukuthi iphele ngegiya eliphezulu njengoba lo mdlalo ugoqa isizini maduzane.
UThembi owaduma ngokudlala indawo Thembi emdlalweni iSgudi Snayisi, iMbewu: The Seed kulo mdlalo uzolingisa indawo kaThembi Dlamini kuthi uNandi alingise indawo kaStella Shange.
Ekhuluma ngabalingisi abasha balo mdlalo u-Irvin Pooe wakwaM-Net, uveze ukuthi akubona kuphela laba balingisi abalindeleke kulo mdlalo.
“Bonke bafika nezinto zabo ezizoshukumisa lo mdlalo. Abanye abalingisi abazobonakala kuwona kukhona u-Ayanda Borotho ozolingisa indawo kaZanemvula Shange, uNkanyiso Bhengu uzobuya azolingisa indawo kaMfundisi uMdluli kanjalo nomlingisi obesathathe ikhefu kulo mdlalo uThapelo Sebogodi, owaziwa ngoKhabzela naye uzobonakala ekhuzaa ibuya,” kusho u-Irvin.
Uthe ekupheleni kukaJulayi abalandeli bazobona kuphela ngendawo ka-Angelina, elingiswa uNokuthula Mavuso.
Ebuzwa ngokushiya kwakhe, emva kwesikhathi eside, uNokuthula uthe indawo yakhe ifinyelele ekugcieni, kwaphela ngayo. Uthe yize bekunzima ukukhuluma ngokuphela kwayo kodwa angakusho-nje wukuthi ube nesikhathi esimnandi.
“Ngiyabonga kubo bonke engisebenze nabo futhi isikhathi engibe naso ngeke ngisilibale. Bese kunzima ukuthula nalezi zindaba kodwa ngoba sebenitshelile, sengikhululekile manje ukukhuluma ngokushiya kwami.
“Ngibonga nomndeni wami nawo wonke umuntu obesala ekhaya nezingane mina ngiyosebenza,” kuchaza yena.
Ubuso obuzogqama kulo mdlalo kubalwa uKamo Modisakeng ozolingisa indawo kaBonolo, Tebogo Khalo (Makhosi) noKhutjo Green (Paballo Motaung).