USHAYA ibuya umncintiswano wokuvundulula intsha enekhono emculweni wokholo neyenziwa uMasipala weTheku, i-eThekwini Gospel Music Crescendos ebeyaziwa ngeGospel ID.
Kulo nyaka kulo mcimbi kuzoncintisana amaqembu ahlukene, ngeke kusaba ngabantu ababodwana njengoba bekujwayelekile.
Kusuka ngoMgqibelo kuzobe kuqala isigaba sokuqala sale nhlolokhono emalokishini ahlukene akhele iTheku.
UNksz Sindi Shangase obambe njengesekela nhloko eMnyangweni wamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku, uthe kule mpelasonto inhlolokhono izoqala eHambanathi Hall, kuthi ngeSonto ibe seK-Cap KwaMashu B.
“Ngo-Ephreli 20 izobanjelwa eNewlands East Community Hall, ngo-Ephreli 21 ibe seRedfern Community Hall, Phoenix, eStable Theatre izoba ngo-Ephreli 27 bese ivalwa eMagaba Community Hall, eHammarsdale ngoMeyi 4.
“Kulo mcimbi simema intsha eneminyaka engu16 kuya ku-35, futhi iphathe zonke izimfanelo ukuqinisekisa ukuthi eyakuleli futhi ihlala eThekwini,” kusho uSindi.
Uthe ngalo mcimbi babonile ukuthi intsha ilambele amathuba ahlukene futhi bayaziqhenya ngawo njengoba sebekhiqize abaculi abakude manje.
“Inhloso yethu enkulu ngalo mqhudelwano wukuvula amathuba abaculi abasafufusa nalabo abebeswele amathuba anjengalana ukuthi bangawathola kanjani.
“Kulo nyaka sikhethe ukuthi silushintshe lolu hlelo njengoba sekuzobhekwa iqembu hhayi nje umculi oyedwa, kungakho negama obuwaziwa ngalo lihlukile,” kuchaza yena.
Ngonyaka odlule kulo mcimbi kwahlabana intokazi uNelisizwe Skhosana okumanje ucula neqembu lomculo wokholo elikhulu kuleli iJoyous Celebration.