IZIMBONGI ezisafufusa zithathe isinqumo sokuthi zizithuthukise ngokuba nomcimbi wazo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ziyavelela emphakathini.
Omunye wabagquzeli balo mcimbi obizwa ngokuthi iseMabaleni Poetry Show, uNhlanhla Mhongo, uthe bazama ukwenza isiqiniseko sokuthi izimbongi zingagcini seziphose ithawula emsebenzini wazo, ngenxa yokungalitholi ithuba.
Umcimbi uzoba ngoJuni 8, eBat Centre, eThekwini.
“Kunabantu abanekhono emkhakheni wobumbongi kodwa abangalitholi ithuba. Lokho kwenza bagcine sebengena nasebugebengwini. Sinqume ukuthi sibe nalo mcimbi ozokwenziwa izikhawu ezine ngonyaka. Okwamanje asinabo abaxhasi kodwa amaciko asuke eyingxenye yawo siwakhokhela ngemali yamathikithi okungena emcimbini sengeze nangemali yethu. Konke sikwenza ngenxa yokuthanda ezobuciko nokuba nentshisekelo yokuthuthukisa amaciko asafufusa abona engathi awanakiwe,” kusho uNhlanhla.
Ekuhleleni lo mcimbi uNhlanhla ubambisene noNjabulo Mtolo.
Uthe njengoba behlele ukuwenza izikhawu ezine ngonyaka, isigaba sokuqala uthe sibe ngoMashi nonyaka, njengoba kuza esesibili ngoJuni. Esilandelayo uthe sizoba ngabo Septhemba.
Izimbongi eziboshelwe kuwona singabala yena uNhlanhla Mhlongo, Shiwe SmartBlack, Mike Makhosini, Mncedi Umqingo, Ongethiwanga, Zethu, Nomndayi, Andile Mnguni, Seluna Imbongi Yabantu, Hloniphani Art, Nqobile Gcaba noZamani Mzobe.