KULINDELEKE ukuthi kushunqe uthuli kuhlephuke imbadada ngoMashi 31 kusukela ngo-10 ekuseni, emqhudelwaneni Ingoma Kashiyameni Competition, eNanda Dam Lifestyle, eMaphephetheni.
Umgqugquzeli wendumezulu yefestiveli, uMcebo Hlambisa weMH Foundation, uthe amaqembu kashiyameni azobanga isiteki sikaR15 000.
Phakathi kwezinhlelo zomncintiswano kuzobuye kushiyelana inkundla izihlabani zomculo kamaskandi okubalwa uBahubhe, Ithwasa Lekhansela, Amavikelambuso, Amageza Amahle, Lagxabha, AmaYellowbone, Amaviyo, Gadla,Umjikijeli, Sebedlile, Qhawekazi Lasendulinde, Somatekisi, Amasinamuva Amasha, Makhosi Mbutho, Inhlalisuthi, Secrete, Siphosethu, Jeqomkhulu, Skhala Nene, Abasekwandeni nabanye.
UMcebo uthe inhloso yomcimbi ukuqhakambisa isintu nokubuyisa isithunzi sengoma yakithi yehlombe neyezigubhu, ukuze zibe sezingeni likamaskandi asebevele beqashwa emicimbini emikhulu.
"Kanti ingoma yehlombe noma yezigubhu ilandela kude futhi inabantu abasha abasafuna nokuvikelwa ezintweni eziningi ezilimaza intsha yaseNingizimu Afrika. Abagidi bengoma kaShiyameni bagcina ngokumenywa bese bekhokhelwa ngekesi nebhodlela emakhaya, uma kunemicimbi. Uma ubheka kunabantu asebeneminyaka engaphansi ngisho ka-18. Yingakho kulo mcimbi siqhakambise igama likaShiyameni ngoba sihlose ukufukula lolu hlobo lwengoma. Ukube besinemali bekungeke kujoyinwe ngemali," kuchaza uMcebo wenhlangano ehlose ukuvumbulula nokuthuthukisa amakhono amaciko asafufusa.
Uqhube wathi amaqembu afuna ukudlana imilala emqhudelwaneni kuzomele ajoyine ngoR500, kanti izithameli zingena esangweni ngoR50, R70, R200 nangoR500. Abazofika nama-coolerbox bazowakhokhela uR100.
Ngeminingwane ethe thuthu kungashayelwa ku-068 287 8524.