IZINTANDOKAZI zabaculi baseNingizimu abane sezimenyezelwe ukuthi zizoba ngamajaji ohlelweni olusha lweSABC1 lokuvumbulula amakhono.
UBig Zulu, Phuzekhemisi, Msaki noSho Madjozi bazokwethula uhlelo olusha olubizwa ngoShuni Womhlaba.
Uhlelo oluzoqala ngoJulayi 7 kwiSABC, luzoqala ngenhlolokhono ezohambela izindawo ezehlukene.
Kuzobe kuthungathwa ikhono kubaculi kumunxa kamaskandi, umbaqanga, isicathamiya, Afro-pop nomculo wesintu.
Luzokhishwa kusuka ngo-18 kuya ku-19 ngoJulayi 7 kwiSABC1.
Inhlolokhono yokuqala izoba kwaMai Mai, eGoli, ngoJune 22 no-23 kusuka ngo-9 ekuseni kushaye u-5 ntambama.
Kulolu hlelo kuzothungathwa ikhono entsheni engu-40 ezobe itholakale ngenhlolokhono ezohambela izifundazwe. Amajaji azobe ehluza abazonqoba lo mncintiswano ezigabeni ezahlukene kuze kuphume abawinile.
“I-SABC iyaziqhenya ngokuthi kube yiyo evula amathuba amasha embonini kaqedisizungu nokuvumbulula amakhono amasha. UShuni Womhlaba uzogqamisa inhlanganisela entsha emculweni okuyi-Afro-fusion, okuyinhlanganisela yomculo wesintu nesigqi sesimanje. Sinxusa ukuthi intsha ibe yingxenye yale mqhudelwano,” kusho u-Ofense Thinane oyinhloko yezinhlelo kwiSABC1.
USho Madjozi ungumrepha onegama eNingizimu Afrika, kanti noBig Zulu uyaziwa ngokuba ngumrepha aphinde abe ngumbhali wezingoma. UPhuzekhemisi uyinkakha yomculi kamaskandi enegama kule ndima kanti uMsaki ungumzwilili osucule ezingomeni zabaculi abaningi okukhona neFetch Your Life apikwe kuyona wuPrince Kaybee.