KUQHILIKA izihlathi yinjabulo kuNgizwe Mchunu obizwa ngoMengameli wamaBhinca ngokuthandwa kwengoma yeGqom’ apikwe kuyona.
UNgizwe usengomeni entsha ye-Elevatorz, Junior De Rocka noMaBzar esihloko esithi: Abantu Abadala. Isanda kuphuma futhi abantu bazwakala beyijabulela kakhulu.
Kuyona kucula phambili uNgizwe lapho ezwakala khona ethi “Abantu Abadala” bese kuzwakala isigubhu sisho.
Ethintwa uNgizwe ubezwakala ukuthi ziyamkitaza lezi zindaba.
“Eyi nami sengiyizwile, impela abafana benze umsebenzi omuhle iyangijabulisa kakhulu. Ngibanikile isibusiso ukuthi bayikhiphe ngendlela nami engijabulise ngayo,” kusho uNgizwe.
Akabange esafuna ukuchaza ukuthi ngabe usezoqhubeka yini nokuzwakala emculweni weGqom’ kodwa kuvele kwanqamuka ucingo. Esephinda efonelwa bese lukhala engalubambi.
Amatemu avamise ukushiwo wuNgizwe agcina esethandwa abaculi bese bemsebenzisa ezingomeni zabo.
Kukhona abanye bomculo weGqom’ abake basebenzisa elithi: Azikhale. Kulelo culo uNgizwe wabhoka wakhahlela wathi kusetshenziswe izwi lakhe kulona ngaphandle kwemvume yakhe.
Kulena ujabule futhi uthe nengoma uyithandile. Okuphinde kuvele ukuthi le ngoma bavele bayibiza ngazo izinhlamvu ezishiwo wuNgizwe ezithi: Abantu Abadala.