BANETHEMBA lokuthola amathuba okusebenzisana namanye amaciko abaphathi bekhwaya yaseClermont, iClermont Choir okuzothi ngasekupheleni kwenyanga ezayo libhekise amabombo eDubai nase-USA.
Lokhu kuvezwe umphathi walo uWiseman Mkhize, othe njengoba libungaza iminyaka engu-30 lasungulwa, babone kungcono ukuthi basabalale babungaze iminyaka bekhona.
Ekhuluma neSolezwe uthe bazoba nomcimbi wokuvalelisa ikhwaya ozobe ungoSepthemba 6, e-ICC nalapho kuzobe kukhona umculi kamaskandi uKhuzani kanye nomlingisi uNay Maps.
“Injongo yethu enkulu ukuthi sike siphumele kwamanye amazwe siyobakhombisa ithalente esinalo njengekhwaya. Sithathe leli thuba uma liqhamuka salisebenzisa nesicabanga ukuthi miningi iminyango ezovuleka kule ntsha esihamba nayo, nokuthi iyohlangana namanye amaciko ukuze kube khona abakufundayo kuyo,” kusho uWiseman.
Uthe babonga noxhaso abaluthole kwabakwaNational Lotteries Commission ukuze uhambo lube yimpumelelo.
“Ngesikhathi sibatshela ukuthi sithatha lolu hambo ukuze siyogqamisa, amagugu akuleli kanye nokubungaza le minyaka abazange belokhu besitshela izinto eziningi, kodwa bajabulele umbono wethu futhi basinika uxhaso ebesiludinga. Uhambo lwekhwaya luzoqala ngoSepthemba 18 luphele ngomhla ka-20. Kuyothi ngomhla ka-24 umbhishobhi wase-USA uBishop Hezekiah Walker abe nekhonsathi ebandleni lakhe eliseBrooklyn nalapho kuyobe kubungazwa khona usuku lwamagugu,” kuchaza yena.
Omunye wabaxhasi bomcimbi uSandile Zungu, ongumphathi weqembu AmaZulu, uthe leli khwaya uyena ozolenzela idili lomcimbi ukuze abafisele uhambo oluhle.
Uthe lokhu abayokwenza abakwenzeli bona kuphela kodwa bakwenzela isifundazwe iKwaZulu-Natal nelakuleli.