ITHATHE elinye igxathu “Ingxabano” yomsakazi woKhozi FM uZimiphi "Zimdollar“ Biyela nomculi kamaskandi uMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele.
Lokhu kulandela inkulumo eyenziwe uMthandeni ekhuluma nabeNhlaka Productions emcimbini obusoLundi ngempelasonto.
Uphinde watshela leli phephandaba ukuthi akamzondi uZimdollar.
"Ngiyasazi isinqa engisijwayele ebumnyameni. Ngeke ngisiphaphele phambi kwabantu, uyabona. Ngizophinde ngisishaye ebumnyameni," kusho uMthandeni.
UZimdollar uthe uMthandeni ubechaza ukuthi yena uke walala naye.
"Mina ngezwa ngo-Ali (Ali Mgube) ukuthi into kaMthandeni incane ingangenhlamvu ye-9mm," kusho uZimdollar ekhuluma ohlelweni lukaJacinta Ngobese kwiVuma FM ngoMsombuluko ekuseni.
"Angazi, ngezwa ngo-Ali mina. Wathi incane, angiyazi. Naye uyazi ukuthi angiyazi. Wonke umuntu kamaskandi uyakwazi lokho ukuthi incane. U-Ali uthi kwakukhala izintombi zakhe. Akaze esho ukuthi kwakukhala mina. Angiyazi, angikaze ngiyibone," kusho uZimdollar.
Kuzokhumbuleka ukuthi umaskanda u-Ali Mgube kwi-EP yama-SAP ethi: Iveze, engomeni ethi: I-Satanism, wake wagadla ngenkulumo okwakukholakala ukuthi ibhekiswe ezintombini zikhala zithi “mncane kakhulu uManqele ungangenhlamvu ye-9mm”.
Umsindo phakathi kukaZimdollar noMthandeni usuke emcimbini iMother of All Maskandi Festival ePeople's Park, ngoMgqibelo.
UZimdollar, obengomunye wabahleli bomcimbi, ungene esiteji waphuca uMthandeni umbhobho ngesikhathi ecula.
“Bafowethu isiphelile i-airtime, basho njalo abahleli bomcimbi,” kusho uMthandeni.
Uthe esachaza kwaqhamuka uZimdollar ovele wamphuca umbhobho wathi “fus%$i!”
Lo msakazi uphinde wenza i-video kuTikTok lapho ethe lo mculi ubezongena ngo-7 esiteji kodwa wangasigcina isikhathi elokhu ethi useduze.
Uthe ufike ngo-9.30, watshelwa ukuthi ngeke esakwazi ukucula ngoba umncintiswano ubusuqalile.
Uthe uzwe kudlala ingoma yakhe ngemuva kokwethulwa ngabaphathi bohlelo wangena esiteji evunule.
“Ngizwe ngo-stage manager engihlebela ukuthi angiphume ngathi angehlele ngezansi. Ngizwe sengifusegiswa. Bengithi yindoda kanti wumuntu wekhekhe ngase ngifihla izandla ngaphuma ngenhlonipho. Ngifice kunamaphoyisa ekake imoto yami ngabona ukuthi bengicushiwe, bebefuna ngihluthuke,” kuchaza yena.