INKAMPANI yakwaMultichoice okukhona kuyo isiteshi sakwaShowmax ithi ngeke izwe ngoThabo Bester nentombi yakhe uDkt Nandipha Magudumana, okuthe ngoMgqibelo kwavela izindaba zokuthi bafuna kumiswe ukukhonjiswa kweqophamlando elithi Tracking Thabo Bester.
Leli qophamlando Isolezwe eselibuke iziqephu zalo ezimbili kulindeleke ukuthi liqale ukubonakala kwiShowmax ngoLwesihlanu.
Ngemuva kokuthi abakwaShowmax bememezele izindaba zokulisakaza lekuqaleni kwesonto eledlule, abameli balaba bobabili bakhiphe incwadi evimbela lesi siteshi ukuthi sisakaze noma yini ethinta leli cala njengoba bona kungekho abatshelwe kona.
Emaphepheni abhekiswe kwaMultiChoice nakwiShowmax, uDkt Magudumana ufuna abameli bakhe babuke iqophamlando ukuze babone ukuthi akukho yini ukuhlukumezeka kwamalungelo akhe okwenziwe kulo.
UThabo Bester, yena ngokwabameli bakhe ukhala ngokuthi akanikezanga ilungelo lokukhiqiza iqophamlando ngempilo yakhe nosekuzosakazwa emphakathini.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba abakwaShowmax baveze ukuthi bazoqhubeka nokusakaza iqophamlando kubantu abanelungelo lokwazi ukuthi kwenzekani baze baboshwe.
“Njengesiteshi sakwaShowmax siyakholelwa ekutheni kubalulekile ukuthi amalungu omphakathi abone iqophamlando futhi aphawule ngalo. Ngakho iShowmax izokwenza konke okusemandleni ukuthi abantu banikwe abafuna ukukubona njengomsakazeli womphakathi. IShowmax izithathe zonke izinyathelo eziyizo ukuqinisekisa ukuthi akukho lapho siphula khona umthetho wabezindaba futhi konke esizokubika kanjalo nokuzokhonjiswa kuyiqiniso futhi kuzobekwa ngendlela engalulazi muntu yokulandela imigomo okuyiyona emkhakheni wezokusakaza,” kuchaza isitatimende.
Baveze ukuthi bazoqhubeka nokubheka isimo ngeso elibukhali uma kuza kwezomthetho futhi bazomemezela konke okwenzekayo kwabezindaba.
Kuleli qophamlando kulindeleke ukuthi kubonakale kukhuluma izintatheli uMarecia Damons noDaniel Steyn, iziboshwa kanye nojele baseMangaung kanye nomndeni kaKatlego Bereng Mpholo, owesilisa owashiswa ukuze isidumbu sakhe siyiswe ejele okwakutoke kulona uThabo Bester.