SIZODLANA imilala nezinye izincwasimende isangoma esidumile eThekwini, uSiyathanda “Dr Dumakude” Shange. Isangoma siyingxenye yezincwasimende ezizoncintisana emqhudelwaneni kaMr South Africa nonyaka.
UDr Dumakude, obuye ateketiswe ngelikaDidamasoka, waKwaMashu, kodwa usehlala eDurban North. Uthe ukukhangisa ngengqephu wakuqala esafunda ngenxa yothando kodwa wabuye wahlaba ikhefu.
"Ngithe ngoba senginesikhathi eside ngisebenza njengenyanga eyisangoma esithwase ezindaweni eziningi, ngibone kungcono ukuba ngiqale ukwenza izinto engikhule ngizithanda," kuchaza uSiyamthanda.
Emqhudelwaneni uDr Dumakude uncintisana noSteyn Lombard, Dylan Majave, Jade Jansen van Vuuren, Shurldrae Rosen, Luaan Pieterse, Riaaz Shaik, Luca Pontiggia, Lambert Spires, Khotso Mokhethi, Thabo Zulu, Chad Mpisi, Morne Claasen-Smit, David Divaad nabanye.
Uma uDr Dumakude egcina edla umhlanganiso kuyosho ukuthi uhamba ezinyathelweni zozakwabo, okunguTiaan Massyn (2023), Fuad Williams (2022), uNtando Lurwengu (2021), Hannes Van Der Walt noHeinrich Gabler (2019).
Obashaye bonke emakhanda uzomenyezelwa emcimbini ozokuba ngoNovemba kulo nyaka.
UDr Dumakude uthe ubunyanga wabufundiswa nguyise ngoba wayeyiyo kodwa ubungoma wabuqala eseneminyaka eyisishiyagalombili.
Ngaphandle kokwelapha nokukhangisa ngengqephu, uDr Dumakude uthe uyile esikoleni waphothula uGrade 12 eDurban High. Uthe wadlulela eNyuvesi iKwaZulu-Natal, lapho wenza izifundo zePsychology nezenhlalakahle.
"Angiziqedanga izifundo ngenxa yokuthi ngasengihlushwa yidlozi."
UDr Dumakude, ongumbhali wencwadi esihloko sithi Ukwambulelwa Ngedlozi, unamakhemesi eThekwini, eGoli, naseMpumalanga.
*Ngemininingwane egcwele ungangena kule-website:www.mrsa.co.za