IKHUZA ibuya imidlalo yeshashalazi esuselwe ezincwadini ezifundwa kwaGrade 10, 11 nakaGrade 12. Kulokhu lolu chungechunge, olubizwa ngeTheatre for School Tour, luzozungeza amahholo amadolobha akwaKwaZulu-Natal nawase-Eastern Cape.
Umdidiyeli wale midlalo, uKhaya Ngema weKhayalamaNgema Artists Productions, uthe basuke belingisa okwenzeka ezincwadini ezifundwa kulamabanga abalwe ngasenhla, okungezesiZulu, isiXhosa nesiNgisi.
Ezincwadini athe bayazilingisa, ubale esihloko sithi, Impi Yabomdabu Isethunjini, Ubhuku Lwamanqa, Sophiatown, My Children My Africa, Finders Keepers, Bahlukumezekile Behlakaniphelana Nje, The Class Act, A Girl Who Can, Forbidden Love, Love Portion, Swimming Partners, Ukufa KukaShaka nezinye.
"Inhloso yethu ukulingisa lezi zincwadi ukuze abafundi bazo baziqonde kalula njengoba isiZulu nesiNgisi kuyizifundo ezilukhuni futhi abanye abafundi abanazo izincwadi nezinye izinsizakufunda.
Abanye bayakholelwa ekubukeleni kunokufunda ngenxa yokuthi sebeyintsha yoTiktok, YouTube, Facebook nezinye izinkundla zokuxhumana." UKhaya uthe lolu chungechunge luzoqala eBat Centre, eThekwini kusukela ngoLwesithathu kuze kushaye umhla ka-28 kuJulayi.
Uthe amabombo azosuka lapho alibhekise e-Ulundi South B kusukela ngoJulayi 31 kuya ku-Agasti 2 bese bedlilela kwaNongoma Multi-Purpose Centre ngo-Agasti 3 no-4 naseGrange Hall, eMgungundlovu ngo-Agasti 7 no-8.
Bazosuka lapho baphikelele eBathembu Hall, eMsinga ngo-Agasti 10 no11. Badlulele e-AV Makhoba Hall, eNquthu ngo-Agasti 14 no-15 naseNewcastle Civic Centre ngo-Agasti 16, 17 no-18.
Bazosuka lapho balibhekise eMtuba Nordale Hall ngo-Agasti 21 no22, badlulele eNcotshane Hall, oPhongolo ngo-Agasti 23 no-24 naseDumbe Town Hall ngo-Agasti 25 bese imbenge beyiphetha eMakhonyeni Hall, eJozini ngo-Agasti 28 no-29.
Ngaphandle kokudidiyela nokuqondisa imidlalo esuselwe ezincwadini ezifundwa ezikoleni zamabanga aphezulu, uKhaya ubuye abe yiphini likasihlalo weCCIFSA esifundeni saseThekwini futhi ungumsunguli womdlalo wethelevishini iMaskandi Queen ekhonjiswa kwiShowmax. UKhaya waqala ukuzakhela udumo ngokungena kwiTop 5 yomncintiswano wamahlaya owawusakazwa kuSABC 1, iSo You Think You're Funny. Ubuye walingisa indawo kaLungelo Zulu kwiMbewu.
Leli ciko laseVerulam laqala lomkhankaso wokufukula abafundi ngoLwazi kusukela ngo-2006 ngesikhathi enza imidlalo esuselwe kulezi incwadi ezazifundwa ngaloyomnyaka: Romeo and Juliet, Umthathe Uzala Umlotha, Animal Farm, When Rain Clouds Gather, Sound and Wings, Ngicela Uxolo nezinye. Lo mqondo watuswa kakhulu ngabafundi, nokwagqugquzela uKhaya ukuba engabe esabheka emuva. Othisha nothishanhloko bayanxuswa ukuba babekisele abafundi izindawo ukuze bagweme ukuphoxeka ngomzuzu wokugcina. "Bangangithinta ku-083 4757 032 noma bangithumelele izicelo zabo kule- email: [email protected].