KUYA ngamagama oMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal emuva kokuboshwa kwamaphoyisa amabili athweswe icala lokuphanga indawo yebhizinisi.
Ngo-Agasti uMkhwanazi wakugcizelela ukuthi amaphoyisa alwa nalo lonke uhlobo lobugebengu futhi asebenza ngaphandle kokwesaba nokwenzelela.
Waqhuba wathi bazobopha ngisho ozakwabo ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa okuyotholakala ukuthi bayathinteka ezenzweni zobugebengu bese bebhekana nengalo yomthetho.
Muva nje kuboshwe amaphoyisa amabili, asebenza ezingeni lesifundazwe eMgungundlovu, athweswa amacala okuphanga indawo yebhizinisi.
Isolezwe lihoshe ukuthi amaphoyisa kusolakala ukuthi asebenzise iVW Polo yomsebenzi, anikela esitolo sowokufika, okuthe uma usomabhizinisi egoloza ukuwavulela, angena ngendluzula egqekeza isitolo esebenzisa izindlawu.
Kuvela ukuthi athathe u-R1 000 nogwayi ongabiza u-R1 800, ashaya achitha. Kuthiwa abanjwe oqotsheni nokusolwa ukuthi akuthathile, aboshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuboshwa kwamaphoyisa esehlakalweni athe senzeke ekhoneni lomgwaqo uMasukwana noPrince Alfred, eMgungundlovu ngoLwesihlanu ebusuku.
UNetshunda uthe umgilwa utshele amaphoyisa ukuthi webelwe imali nogwayi.
Avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko icala lahlehliswa.
Lesi sehlo silandela esokuboshwa kwephoyisa elingu-constable elisebenzela esiteshini samaphoyisa eCato Manor, eThekwini.
Ligqigqa enkantolo emuva kokutholakala namakhadi asebhange angu-105, nelikamgilwa okwadunwa iToyota Fortuner yakhe kwashona ingane eneminyaka engu-11 eyacasha ngaphansi kwemoto ngesikhathi kwenzeka isehlo, kanti abasolwa bazosusa imoto yabe isishayiseka.
Ngenyanga edlule oKlebe babophe amaphoyisa ayisikhombisa nelungu lomphakathi ePhoenix, eThekwini. La basolwa bagqigqa enkantolo ngecala lokufuna ngodli imali kumnikazi wesitolo. Babefuna kuyena uR100 000 kodwa unkosikazi womninisitolo wakwazi ukuhlanganisa engaphezudlwana kuka-R70 000.
Ngo-Agasti kuboshwe iphoyisa elinye lashona kanye nabantu ababili okusolakala ukuthi baphanga isitolo esiseRichmond Farm, eThekwini.
Kuthiwa abasolwa badubulana namaphoyisa lapho babebhace khona emzini oseLindelani, eThekwini.
UDkt Johan Burger ongungoti wezobugebengu ozimele, uthe wakubeka kwacaca izikhawu eziningi uMkhwanazi ukuthi ngeke azibekezelele izigebengu embuthweni wmaphoyisa uma yena esaphethe.
“Nginombono wokuthi ukwanda kwezigameko zokuboshwa nokushushiswa kwamaphoyisa, sekwenza kubukeke sengathi maningi amacala obugebengu obenziwa amaphoyisa. Kumele singakhohlwa ukuthi amaphoyisa agqigqa ezinkantolo asuke eboshwe ozakwabo embuthweni wamaphoyisa,” kusho uBurger.