ISIKHULU esiphezulu seCape Town Spurs, u-Alexi Efstathiou, siveze ukuthi sisale sididekile uKermit Erasmus eyeka ukuziqeqesha nabo bengazelele.
U-Erasmus (34) ungomunye wabayisithupha abakhonjwe indlela yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule. Ubelizwa ngendaba ijezi. Wayeshaye ibuya kuyo ngesizini ka-2022/23, ephuma kwiMamelodi Sundowns. Unqobe nayo izinkomishi ezine. Ezimbili zeNedbank Cup, nezeMTN8 ngokwahlukana.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ephezulu kuke kwavela ukuthi uJohn Comitis ongusihlalo weCape Town City, ufuna ukumbuyisa. Nokho kugcine kungavunyelwananga. Phambilini lo mgadli uke wadlala kumaCitizens.
Emasontweni edlule kuphinde kwavela ukuthi ubonakale kamakhelwane, ejima neSpurs ecijwa ngu-Ernest Middendorp, kwiMotsepe Foundation Championship.
U-Efstathiou uthe u-Erasmus akasaziqeqeshi nabo. Uveze ukuthi kusukela ngesonto eledlule babone engasafiki ejimini. Nakuba lesi sikhulu sithe uyena obezicelele ukujima nabo kodwa asikufihlanga ukuthi bebethanda ukumsayinisa.
"Kuyiqiniso ukuthi uKermit uke wajima nathi. Uyena obezicelelile. Okusimangazile ukuvele ashiye engabazisanga abaqeqeshi. Kuyimanje asimazi ukuthi ukuphi, mhlawumbe usethole iqembu," kubeka u-Efstathiou.
Uqhube wathi: "Nakuba ubezicelele ukujima nathi kodwa iqiniso ukuthi besingathanda ukumsayinisa uma abaqeqeshi begculiseka ngesimo sakhe. Akusenani, simfisela inhlanhla."
Phakathi kwabagadli enabo iSpurs kukhona uMarvin Boji ophuma kwiStellenbosch, noTherlo Moosa.
Izinto aziyihambeli kahle njengoba ishawe kulandelana emidlalweni emibili edlule yeligi. Iqunjwe phansi yiDurban City neLeruma United. Yayikade inqobe kwiHungry Lions. Ilele kweyesishiyagalolunye ngamaphuzu ayisishiyagalombili, emidlalweni eyisithupha. NgeSonto izothola ithuba lokulungisa amaphutha uma seyibhekene ne-Upington City, ngo-3.30 ntambama, e-Athlone Stadium.
Imidlalo yeMotsepe Foundation kule mpelasonto:
Kusasa: Ngo-7.30 pm: D/City v Baroka (Chatsworth).
NgoMgqibelo: Ngo-3.30 pm: Lions v Callies (Suzuki); JDR v Leopards (Soshanguve Giant); Venda v Kruger (Thohoyandou); Orbit v Milford (Olympia Park).
NgeSonto: Ngo-3.30 pm: Leruma v Casric (Lucas Masterpiece Moripe); U/ Pretoria v Highbury (Tuks); Spurs v Upington (Athlone).