INTAKA ibekelwe amazolo kwiNgwe Cultural Festival ezinkundleni zemidlalo zasoKhalweni, eNdwedwe ngeSonto kusukela ngo-9 ekuseni. Kule ndumezulu yomcimbi kuzobe kusina kudedelana enkundleni abaculi abanjengoMjikelwa, MaHostela,Nalithi, Chwepheshe, Green Mamba, Guluvodlokwakhe, 2 in 1, Njinga Yomaskandi, Mfana Ongenankinga, Zwelihle, Smanga Samagcokama, Amavikamkhonto, Jonathan, Ingane Zotalagu, Bhema Sebebhemile, Amaciko, Nhlamvungageji, Mbalenhle, Maquarlity, Izimbali Zezwe, Amaqhawe Amasha, Amaqhathanzipho nabanye abaningi. Uhlelo luzobe luphethwe wumsakazi weNanda FM, uMC Mshosho noNomalegini.
Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi, uNokuthula Gumede, unxuse izithameli ukuba zifike ngobuningi bazo futhi zivunule ziconsa.
"Ingwe Cultural Festival Group ithi 'zigqaje ngendawo yangakini.’ Singabesifazane abahlanu okunguNokuthula Gumede, Ntombifuthi Nxumalo, Sbongile Msweli, Nomusa Nxumalo noHlengiwe Nxumalo abahlala endaweni yaseNdwedwe esigodini sasoKhalweni ku-ward 11, siqhakambisa indawo yangakithi, uMasipala waseNdwedwe noMkhandlu iLembe."
UNokuthula uthe iNgwe Cultural Festival yasungulwa ngo2019 ngomcimbi wokugubha uSuku lokukhunjulwa kwamaGugubakuleli, okwakuwuSuku okwakukhunjulwa ngalo iNkosi uShaka.
"Yaqala ngezihambeli eziwu-200, sesibala nababenandisa ngalolo suku. Yilapho esabona khona intshisekelo kubantu bangasekhaya eNdwedwe. Injabulo yabankulu, bethakasela into enhle esasiyenza lapho. Kwasukuma khona nabantu abadala ngonyaka ka2020, lapho sasithi ngeke siyenze ngoba kwakuhlasele ubhubhane lweCovid-19." UNokuthu uthe ngo-2021 bake bazitshela ukuthi iNgwe Cultural Festival ngeke isaqhubeka kodwa isasasa elakhonjiswa ngabantu abangaphezu kuka-1 200 abatheleka kuyo ngo-2022 kubaphoqe ukuba bayibuyise lendumezulu yomcimbi.
"Umsebenzi siwubone umkhulu, okuyinto esinike ithemba lokuyaphambili, sathatha nesinqumo sokungabe sisahlehlela emuva." Nakuba kunjalo, uNokuthula uthe akusiwo umcimbi abawenza kalula ngoba basawenza ngezikhwepha zabo nangeminikelo.
"Siyaye sicele emphakathini ukuba usiphe iminikelo. Sibuye sicele nakumasipala waseNdwedwe ukuba usiphe lokho ongasipha khona. Siyakhangeza nakomacaphunakusale bangakithi kanye nakwikhansela lendawo ukuba liphonse itshe esivivaneni ukuze lomcimbi ube yimpumelelo."
Uthe inhlosongqangi ngalo mcimbi ukunikeza abaculi ithuba lokukhangisa ngemisebenzi yabo emphakathini. Uthe abantu abafisa ukuphonsa itshe esivivaneni bengaxhumana nabo nge-email ethi [email protected].